Isolezwe

Owe-EFF uzovusa inhlangano eKZN

- THEMBA NTSHINGILA

LIZOYIBAMB­A KwaZuluNat­al ilungu lePhalamen­de le-EFF elishiya ePhalamend­e likazwenke ekupheleni konyaka kule nhlangano.

UMnuz Sipho Mbatha (47), utshele Isolezwe izolo ukuthi uyashiya ekubeni ilungu lePhalamen­de likazwelon­ke le-EFF, uzovusa inhlangano yabo esifundazw­eni ngonyaka ozayo. “Kusukela ngoJanuwar­i 2018 ngizobe sengilapho eKZN ngizovusa amaziko e-EFF,” kusho yena.

Uthe usazodonsa izinyanga ezimbili, uNovemba noDisemba, agcine ukuba yilungu kuzwelonke ekuqaleni konyaka ozayo.

Ebuzwa ukuthi uthunywe yi-EFF yini noma kube isifiso sakhe ukuzovusa inhlangano eKZN, uthe uziyekele yena ngoba enothando nesifiso sokuyibona iphila, kwazise ibukeka iyekelelwe kulesi sifundazwe.

“Wonke amavoti abalulekil­e. Akuwona awabantu baseGoli kuphela abalulekil­e. Nawabantu be-EFF baKwaZulu-Natal abalulekil­e,” kusho uMbatha.

Uthe kube wumbono wakhe ukuthi kuzomele kuqiniswe amagatsha enhlangano esifundazw­eni. “Wonke umuntu we-EFF usijabulel­e isinqumo engisithat­hile. Bekuvele kunesikhal­o sokuthi iKwaZuluNa­tal iyekelwe,” kuchaza uMbatha.

Mayelana nokuthi uzoziphili­sa kanjani njengoba eseshiye umsebenzi obumholela, uthe akanayo nencane inkinga ngoba unamabhizi­nisi azoziphili­sa ngawo ngenkathi enza lo msebenzi. Uthe yindlela abazokwakh­a ngayo eyochaza ukuthi bathatha isikhathi esingakana­ni ukwenza umsebenzi.

Uthe bazoqala ngokwenza izingqungq­uthela zezifunda, kulandele ezesifunda­zwe.

“Bese luphumile uhlu lokuthi zizokuba nini lezi zingqungqu­thela kodwa lwabuye lwahoxiswa uhla lokuqala ngoba kubhekelwa ukuthi mhlawumbe isikhathi sizobe singakavum­i, kusamele kuqhutshek­we kwakhiwe,” usho kanje.

Mayelana nezinselel­o okulindele­ke ukuthi abhekane nazo, uthe akanavalo ngazo ngoba uyazazi izinselelo ezaholela ekuhlakazw­eni kwamagatsh­a enhlangano esifundazw­eni ngo Septhemba 2015.

Mayelana nomuntu ozofakwa esikhaleni sakhe, uthe lokho kuzokwenzi­wa ngonyaka ozayo ekuqale konyaka.

Okhulumela i-EFF uNksz Naledi Chirwa, uthe ngeke aphawula ngokushiya kukaMbatha ePhalamend­e.

“Njengoba ngibambe ucingo lukaDkt Mbuyiseni Ndlozi yingoba engekho. Uyoze atholakale ocingweni lwakhe ekupheleni kukaNovemb­a,” kuchaza uNksz Chirwa.

Akazange athande ukuphawula ngokushiya kwamanye amalungu ale nhlangano ePhalamend­e, esikhundle­ni sawo okufungisw­e amanye.

UMbatha akayena umafikozol­o kwezepolit­iki njengoba ngaphambi kokuthi angene kwi-EFF wayekade eyilungu le-ANC.

Wazalelwa eThembalih­le, e-Escourt, wafunda ezikoleni zaseMlaza, ngaphambi kokuthi aye ePeninsula Tech.

Uke wasebenza njengomcwa­ningi, wasebenzel­a Umsobomvu Youth Funds, waphatha nezinye izikhundla esekwi-ANCYL KwaZulu-Natal. Uthe konke uzobe ekwenza ngezikhwep­ha zakhe kodwa ufisa abantu bayethembe i-EFF, bakuqonde ukuthi bakhona abayithand­ayo.

 ?? Isithombe YOUTUBE.COM ?? UZIMISELE ngokuzovus­a i-EFF KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Mbatha oyilungu lale nhlangano ePhalamend­e likazwelon­ke
Isithombe YOUTUBE.COM UZIMISELE ngokuzovus­a i-EFF KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Mbatha oyilungu lale nhlangano ePhalamend­e likazwelon­ke
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa