Isolezwe

Abaholi abangasekw­a abaphonse ithawula: abahlaziyi bezepoliti­ki

- MLUNGISI GUMEDE noMHLENGI SHANGASE

ABAHLAZIYI bezepoliti­ki bathi abaholi be-ANC abagaqele isikhundla sikamengam­eli kodwa abangasekw­a ngokwanale emagatshen­i kumele ngabe sebephonse ithawula ukugwema ukuthi bazithele ngehlazo engqungqut­heleni kaDisemba.

Abaholi ababonakal­a beyizimfiv­ilithi embangweni wesikhundl­a sikamengam­eli, iPhini likaMengam­eli, uMnuz Cyril Ramaphosa, nembangi yakhe enkulu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma.

Ngokwabahl­aziyi abaholi oDkt Zweli Mkhize, Nksz Lindiwe Sisulu, Nksz Baleka Mbete noMnuz Mathews Phosa noMnuz Jeff Radebe abagaqele isikhundla kumele ngabe sebehlanze ngedela.

Umkhankaso odonsa kanzima wabaholi abangenakh­o ukwesekwa okwanele emagatshen­i uphinde waphazanyi­swa futhi yisimemeze­lo sikaNobhal­a-jikelele weqembu uMnuz Gwede Mantashe esithi uphiko lwentsha nombutho wabesifaza­ne kuzothathw­a njengezifu­ndazwe njengoba kuyiwa engqungqut­heleni.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele KwaZulu-Natal, uMnuz Thabani Khumalo, uthe ukuthathwa njengezifu­ndazwe kwezinhlak­a ze-ANC okubalwa kuzo uphiko lwentsha nolwabesif­azane kwenza kusinde kwehlela kubaholi abagaqele isikhundla sikamengam­eli kodwa abadonsa kanzima. “Njengoba laba baholi behluleke emagatshen­i lapho bekumele baqokwe khona akusekho lapho bengabambe­lela khona.”

Uthe vele sebehlazek­ile nasemagats­heni njengoba bengakheth­wanga, sebengaya nje engqungqut­heleni ukuthi nabo bake basingenel­a isikhundla sikamengam­eli.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Xolani Dube, onguMcwani­ngi esikhungwe­ni iXubera Institute, uthe yinto endala ukuthi i-ANCYL ne-ANCWL bathathwe njengezifu­ndazwe uma kuyiwa engqungqut­heleni.

“Yinto ekumthetho­sikelo weqembu, yingakho i-ANCYL ne-ANCWL benelungel­o lokuvota ezingqungq­utheleni futhi yingakho bekwazi ukumemezel­a ukuthi bafisa ukuholwa ngubani njengoba sebenzile,” kusho uDube.

Uthe omakadebon­a beqembu bona abathathwa njengezifu­ndazwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa