Owemfundo uvula elinye ithuba kumthethosivivinywa
UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo uthi abahluleke ukufaka izincomo mayelana nomthethosivivinywa i-Education Laws Amendment Bill bazothola ithuba lokwenza izethulo uma usuphambi kwePhalamende.
Lokhu kuvezwe okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga emuva kwezikhalo ngokuthi sincane isikhathi ebesinikwe abafuna ukwenza izincomo kumthethosivivinywa.
Ezinye zezichibiyelo ezizokwenziwa kuwo wukuphucwa kwamandla izigungu ezilawula izikole ukuthi ziqoke othishanhloko namaphini abo, ukunquma ngezilimi ezizosetshenziswa uma kufundwa nendaba yokunquma uma isikole sesigcwele.
“UNgqongqoshe Angie Motshekga uthanda ukubonga abantu bakuleli abaphendule ngobuningi, bafaka izincomo ezithinta ukuchitshiyelwa komthethosivivinywa. Sizozibheka zonke izincomo esizitholile bese ungqongqoshe ezifaka kulesi sichibiyelo,” kusho uMhlanga.
Uthe bathole inqwaba yezicelo zokuthi kululwe isikhathi sokuphawula. Uthe sizoba khona esinye isikhathi sokuthi abantu baphawule ngezichibiyelo uma indaba isibhungwa ePhalamende.
Uthe uma lo mthethosivivinywa ususezithebeni zePhalamende uye uyiswe ekomitini lemfundo eyisisekelo.
“Ikomiti lizoba nezigcawu lapho lizohambela khona imiphakathi lifune ukuphawula kwawo. Siyanxusa labo abangalitholanga ithuba ukuthi balisebenzise ithuba elizovela,” kusho uMhlanga.
Kube nesikhalo esikhulu kwezinye zezigungu zabazali ezize zasungula nohlelo lapho bezinxusa umphakathi ukuthi uchithe izichibiyelo kulo mthethosivivinywa.
Lezi zigungu zikhala ngokuthi umnyango ufuna ukuziphuca amandla ezinawo ikakhulu athinta indaba yokuphakamisa abazoqashwa.
Okhulumela uNkk Motshekga, uNksz Troy Martens, uthe bahlose ukuqeda ngezikole ezivalela ngaphandle abafundi ngoba zithi zifundisa ulimi olulodwa.
“Ezinye zezikole zivalela ngaphandle abafundi ngokuthi zifundisa isiBhunu njengolimi lokuqala. Ngezinye zezinto esilwa nazo lezi ngoba amandla azobuyela emnyangweni,” kusho uNksz Martens.