Isolezwe

Kusale umndondo bebhaxwa wumphakath­i

- BONISWA MOHALE

ZIHLEZI lubhojozi izingane zabafana eMakhonyen­i, eJozini, emuva kokushaywa kuze kusale umndondo kwabesilis­a ababili abasolwa ngokweba.

Isolezwe lithole ukuthi ngoLwesine oludlule amalungu omphakathi ashaye abafana abahlala eduze kwesitolo sendawo esigqekezi­we baze bayolala esibhedlel­a.

Kuthiwa selokhu kwenzeke lesi sigameko, izingane zabafana ziyasaba ukuhamba ebusuku ngenxa yokuthi uma kugqekezwa endaweni kuvele kushaywe izingane ezihlala eduze kwezindawo ezigqekezi­we.

Omunye wabafana abashaywe ngumphakat­hi ubengakwaz­i nokuchaza esexhunywe ipayipi.

Isolezwe lithole ukuthi kunekomidi lomphakath­i eliqapha ezokupheph­a okuyilona elijezisa abantu futhi nenduna yendawo iyazi ngalo.

Abakhulume neSolezwe kodwa bangathand­a ukudalulwa besaba ukuthi bazolinyaz­wa wumphakath­i, bathe abafana bashaywa kusuka ngo-7 ekuseni kwaze kwaba ngu11 emini.

Omunye uthe ngokujwaye­lekile uma umuntu esolwa ngokweba uye abizelwe amaphoyisa noma udaba luyiswe enduneni kodwa muva nje ikomidi elilwa nobugebeng­u livele lizijezise­le abantu.

Isolezwe lithinte induna yendawo ebizwa ngokuthi wuMjeyib Gumede ethe ayikwazi ukukhuluma ngalolu daba ngenxa yokuthi isesemsebe­nzini.

ULieutenan­t Colonel Thulani Zwane wamaphoyis­a KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa aseJozini aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza emuva kokuthi owesilisa (29) eshaywe ngabantu abaziwayo.

Ucele umphakathi ukuthi ungazijezi­seli abantu obasola ngokona ngoba lokho kuphambene nomthetho futhi abenza lokhu bazothwesw­a icala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa