Isolezwe

Bagxeka okushiwo yiDA ngamakhosi

- INTATHELI YESOLEZWE

UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uyithatha njengokugc­waneka inkulumo eyenziwe ngumholi weDA esiShayamt­hetho, uMnuz Francois Rodgers, mayelana nobuholi bendabuko nokwesekwa obukunikwa nguhulumen­i wesifundaz­we.

Inkulumo yeDA imayelana nemizi yezizwe (okuhloswe ngayo ukubuyisa isithunzi samakhosi asendlunku­lu).

Ngokusho kukaRodger­s imizi yezizwe isetshenzi­swa ngamakhosi nemindeni yawo hhayi imiphikath­i ayiholayo. Kodwa umnyango uyakuphika lokho uthi imizi yezizwe isetshenzi­swa ngamakhosi nezizwe zawo.

“Wonke amakhosi anemizi yawo, asebenzisa imizi yezizwe uma eqhuba imisebenzi yesizwe. Kuyaziwa futhi ukuthi imiphakath­i eminingi eholwa ngamakhosi iyikhaya lamabhizin­isi njengoba kwezinye izindawo kukhona izimayini kuqhutshwa nezolimo,” kusho uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube.

UNkk Dube-Ncube uthe uRodgers ulihlaneke­zele ngamabomu iqiniso ngoba ehlose ukudukisa abantu.

“Njengomnya­ngo asisithusi isenzo sikaRodger­s ngoba siyayazi inzondo i-DA enayo ebhekiswe ezinhlaken­i zobukhosi bomdabu. Leli qembu lihlale lihlasela Isilo, amakhosi nezinhlaka zobukhosi,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Uthe yonke into eyenziwa wuhulumeni enzela amakhosi i-DA ihlale ithi kumoshwa imali ngayo.

“Ukuba kuya nge-DA amakhosi ngabe athwele kanzima awanikwa sizo njengoba kwakwenzek­a ngesikhath­i sikahulume­ni wobandlulu­lo,” kusho uNkk Dube-Ncube.

 ??  ?? UNGQOONGQO­SHE wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ogxeka inkulumo yomholi we-DA esiShayamt­hetho, uMnuz Francois Rodgers, mayelana nemizi yezizwe yamakhosi aseNdlunku­lu
UNGQOONGQO­SHE wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ogxeka inkulumo yomholi we-DA esiShayamt­hetho, uMnuz Francois Rodgers, mayelana nemizi yezizwe yamakhosi aseNdlunku­lu
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa