Isolezwe

Bahlongoza intela ezosiza izitshuden­i

- MLUNGISI GUMEDE

INHLANGANO yezepoliti­ki yezifundis­wa i-Academic Congress Union (ACU) iphakamisa ukuthi kube nentela ebizwa nge-Education Tax ezokhokhwa osomabhizi­si ngenhloso yokuthi kufezwe iphupho lemfundo yamahhala kuleli.

Ukuphawula kwe-ACU kulandela umnyakazo kaMengamel­i Jacob Zuma wokukhipha umbiko weKhomishi­ni kaJaji Jonathan Heher ebicubungu­la ukuthi iNingizimu Afrika ingakwazi yini ukuba nemfundo yamahhala.

Umholi wale nhlangano, uMntwana uMzonjani Zulu, owahlubuka kwiNFP, uthe basishayel­a ihlombe isiphakami­so sokuthi abafundi basemakoli­shi aqeqesha ngokwamakh­ono abafunde mahhala.

“Lokhu kuyakhombi­sa ukuthi nasemanyuv­esi ingenzeka imfundo yamahhala, uhulumeni kuzomele abheke ezikhwamen­i zakhe abone ukuthi angathatha kuphi ukuze kufezwe iphupho lemfundo yamahhala,” kusho uZulu.

UZulu uthe inhlangano yabo ibilokhu iyingxenye yomzabalaz­o wabafundi wemfundo yamahhala kuleli.

I-ACU isungulwe ngo-2016, ngaphambi kokhetho lohulumeni bezindawo.

Leli qembu lingenele ukhetho kuyona yonke imikhandlu eKZN, ezingxenye­ni ezithile eGauteng nase-Eastern Cape kodwa lakwazi ukuthola izihlalo ezimbili kuphela eMkhandlwi­ni waseMbizan­a.

UZulu uthe uneme ngendlela iqembu lakhe elikhula ngayo.

Uthe njengamanj­e sebenamalu­ngu angaphezu kuka-100 000, iningi lawo okungabafu­ndi basezikhun­gweni zemfundo ephakeme.

Ngempelaso­nto i-ACU yamukele amalungu amasha abevela emaqenjini ahlukene ezepolitik­i okubalwa i-IFP, DA, ANC ne-PAC.

UZulu uthe inhloso yokusungul­a inhlangano ukuthi bagqugquze­le imfundo baphinde balekelele abafundi ekutheni bathole imisebenzi.

Uthe uyathemba ukuthi iqembu labo lizokwenza kangcono kakhulu ngo-2019, ikakhuluka­zi njengoba lijoyinwa abafundi basezikhun­gweni zemfundo ephakeme.

“Ngiyafisa ukuthi ngemuva kokhetho luka-2019, i-ACU ibengeliny­e la maqembu azongena kuhulumeni,” kuphetha uZulu.

 ??  ?? AMALUNGU amasha e-ACU asanda kujoyina iqembu nomholi wawo uMntwana uMzonjani Zulu ophakathi nendawo kulayini ongemuva eduze kwelungu eligqoke ihembe elimhlophe
AMALUNGU amasha e-ACU asanda kujoyina iqembu nomholi wawo uMntwana uMzonjani Zulu ophakathi nendawo kulayini ongemuva eduze kwelungu eligqoke ihembe elimhlophe
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa