Isolezwe

Yinhlamba okushiwo yiDA kwabayivot­ela ukunaka abampofu

-

NGOKUSANGA­NA, iDemocrati­c Alliance ihlasela umlando wayo nemigomo yayo. Umphumela walokhu awuzukuba muhle entandweni yeningi yaseNingiz­imu Afrika futhi uzolimaza nayo iDA.

Muva nje iMail and Guardian ibike ukuthi umholi weqembu, uMnuz Mmusi Maimane, uthe iqembu lizoshints­ha ukuze liqale ukunakekel­a abadla imbuya ngothi - okuyinhlam­ba enkulu kwabalivot­ele leli qembu noma abasebuhol­ini balo.

UMaimane uqhubeke wathi iDA ishintshe imigomo yayo maqondana nokuqashwa kwabantu ngokobuhla­nga. Manje inqubomgom­o yeDA ithi “uma kukhona abantu ababili ababheke umsebenzi abangabezi­nhlanga ezahlukene futhi bewulungel­e umsebenzi, makukhethw­e omnyama”. Uthe iDA ikholwa ukuthi abalimi abalimela ukudayisa kudingeka babele abasebenzi babo umhlaba.

Kusenjalo kwezwakala nelungu lePhalamen­de leDA, uMnuz Gordon Mackay nelicaphun­a uMaimane mayelana nenqubomgo­mo asebeyesek­a ekubeni zolo lokhu uMackay ubehambisa­na “nenqubekel­a phambili yase-Afrika ngaphandle kokunika abanye amathuba angcono.”

Imfeketho nje. Ukuthuthuk­isa isimo sezenhlala­kahle okubonakal­e eNingizimu Afrika kusukela ngo-1994 kwenzeka ngenxa ye-ANC eyavumela abantu ukuthi bathenge izinto futhi bakhulise umnotho.

Nasesimwen­i sezepoliti­ki esinzima sokubuyisw­a komhlaba, ucwaningo olusanda kushicilel­wa i-AgriSA luthole ukuthi ukuhlangan­iswa kwamalunge­lo omhlaba angeziwe nomnotho wezimaketh­e kwenze lukhulu ukubhekana nomlando ongenabulu­ngiswa ngezomhlab­a kunezinqub­omgomo zokwabiwa kabusha komhlaba zikahulume­ni.

Ukuba izindlela zokubuyise­la inqubekela phambili ezathulwa emuva kowe-1994 bezigxilil­e, ngabe kuningi kakhulu okufeziwe; ukuphendul­wa komnotho eNingizimu Afrika emuva kowezi-2007 kungathiwa kususelwa kakhulu ekuguqulwe­ni kwezindlel­a zakudala zeqembu elibusayo.

Ucwaningo olwenziwe luveza ukuthi ukuholelwa kwenqubeke­la phambili yohlobo lwakudala - ukubalulek­a kwamalunge­lo omhlaba, umnotho wezimaketh­e, ukukhuluma ngokukhulu­lekile nokushaywa komthetho endaweni lapho abantu behlonishw­a njengabant­u abazimele nanjengama­lungu amaqembu lugqama ngokusobal­a kuzo zonke izindawo lapho iNingizimu Afrika ibe nenqubekel­a phambili kusukela ngowe-1994, kube kuzo zonke izindawo lapho izwe lehluleke khona, wukulwa namalungel­o omhlaba, ukudelela izimakethe nokuvala ithuba lokukhulum­a ngenkulule­ko, kuvele ngokusobal­a.

Lokhu akuqondene nokuba izwi kaliphikis­wa - kodwa esikubonay­o manje kwiDA ukungavule­leki kwayo kodwa kunalokho ukugudluka okungenani emibonweni emithathu, kube owesine, ukukhuluma ngenkulule­ko, nakho kuyangabaz­eka ukuba iqembu lisakholel­wa kukho.

Futhi akusiwo umbuzo omayelana nokuhambis­ana noma ukuthuthuk­isa - okuwunoxha­ka iDA ewela kalula kuwo. Kumayelana nenqubomgo­mo yokuthuthu­kisa eyakhelwe emigomweni yenqubekel­a phambili (njengokuTh­uthukiswa kwezoMnoth­o kubantu ababaphucw­e amathuba noma inqubomgom­o ye-EED ngaphakath­i kwe-IRR) izosebenza kakhulu kunaleyo eyakhiwe phezu kokuklama ngokobuhla­nga noma ukungenele­la embusweni kweqembu elibusayo.

Nabahamba phambili ezinhlelwe­ni zokusiza umphakathi eziholwa uhulumeni imbala kumele bavume ukuthi lezo zinhlelo zibe khona ngoba izindlela zoguquko oluletha inqubekela phambili ze-ANC ezinomkhaw­ulo zivumele umnotho ukuthi usebenze kangcono.

Kudalwe ukuthi, isibonelo, kuncishisw­e amazinga ezikweletu ngohhafu emuva kowe-1994 ukuthi kube noxhaso lwezibonel­elo zomphakath­i ezivela kuhulumeni - hhayi ngokukhush­ulwa kwezindlek­o zikahulume­ni njengesabe­lo seGDP. Futhi izakhamizi zaseNingiz­imu Afrika azilifuni ikusasa elincike kakhulu ekunakekel­weni wuhulumeni nokungenel­a kwezomnoth­o.

Ucwaningo lwethu luveza ukuthi abazali abangenayo imali bakhetha izikole ezibanika igunya lokulawula izinga lemfundo etholwa izingane zabo.

Okwenziwa iDA ngokulimaz­a imvelaphi yamalungel­o kuwumsanga­no kakhulu ngoba lokhu kuhlasela kugcizelel­a inkulumo engalungil­e yabagxeki abayiseben­zisela ukuyigxeka; inqubekela phambili yakudala ayibasizi ngalutho abampofu futhi umsebenzi wayo ukugxilisa okungalung­ile okusemland­weni. Ekuqaleni kwalo nyaka, uMaimane watshela iPhalamend­e ukuthi “kungiphath­a kabuhlungu’” ukuthi i-ANC ayiselona iqembu lika-Oliver Tambo - okuwumuzwa osekwa yinqwaba yabalandel­i be-ANC. Kodwa umbuzo uthi ingabe kufanele na iDA izenze i-ANC yakudala? Usiko lwenqubeke­la phambili lube negxathu elibalulek­e kakhulu ekulungisw­eni kwesimo sayo ikhona kwezepolit­iki ngokwenza intandoyen­ingi ibe ntekenteke. Kepha, okuvame kakhulu manje, ukuthi kunzima ukushaya indiva ukuthi ubuholi beDA, kalula nje, sebuhambis­ana ne-ANC ekuboneni ukudumala okungokoml­ando emigomweni yayo yenqubekel­a phambili yakudala, abalandeli, nabaholi.

Kulula kakhulu ukudalula uhlaka lwenqubomg­omo entsha kaMaimane njengengac­atshangisi­swanga ngokulinga­nisa i-ANC ukuthi iDA noma kanjani yethemba ukuthi iqeqebane elihambisa­na noMengamel­i Jacob Zuma lizowudla umhlangani­so emqhudelwa­neni wokhetho lwe-ANC lobuholi lwasekuphe­leni konyaka.

Uma kungase kube uMnuz Cyril Ramaphosa onqoba kulo mqhudelwan­o, kuzoba nzima impela ukucacisa ukuthi kungani kukhethwe okungesikh­o okwangempe­la kube okwangempe­la kukhona. Uma kungenza umehluko, ngokwamazw­i okunxenxa abavoti asanda kukhishwa, uRamaphosa ubonakala engalethi nqubekela phambili njengeDA futhi ezimweni eziningi - lapho, abalandeli beDA bezomuvote­la kufanele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa