Isolezwe

Siyabahala­lisela abathole imiklomelo kumaSports Awards

-

UKUKHONYA kwabasubat­hi kumaSA Sports Awards ngeSonto, kuyizimpaw­u zokuthi kukhona okuhle okwenzekay­o kwezokugij­ima eNingizimu Afrika.

ULuvo Manyonga ongumpetha womhlaba we-long jump uyena obe nobusuku obuhle ewola imiklomelo ebalulekil­e eKempton Park, eGoli. UManyonga ukhale wemuka neSportsma­n of the Year, neSports Star of the Year okuyimiklo­melo esuke imikhulu kulo mcimbi.

Ukudlondlo­bala kukaManyon­ga kuyinto enhle uma kubhekwa ukuthi uke wamiswa kulo mdlalo ngenxa yezidakami­zwa eminyakeni edlule. Ubuye ngamandla wakhombisa umhlaba ukuthi unalo ikhono kwi-long jump ehlula ezinye izinkakha zakwamanye amazwe. KwiSports Star of the Year uManyonga wehlule umpetha womhlaba kwi-800m uWayde van Niekerk noChad le Clos, okungabadl­ali asebeke bawuwina lo mklomelo phambilini.

Abagijimi baqhubekil­e nokuzidlel­a amahlanga kulo mcimbi njengoba uCaster Semenya ongumpetha womhlaba kwi-800m, ebe yiSportswo­man of the Year kwathi umqeqeshi wakhe uJean Verster wathola umklomelo womqeqeshi obehlule bonke ngonyaka odlule. Akugcinang­a lapho ngoba noSokwakha Zanini, odle umhlangani­so kwi-400 hurdles ekuqaleni konyaka, uqokwe njengeNewc­omer of the Year.

Akukho nokuncane ukungabaza ukuthi abagijimi bethu benze kahle kakhulu emiqhudelw­ani ehlukene kulo nyaka ngakho ukuchonywa uphaphe lwegwalagw­ala kulo mcimbi yinto ebibafanel­e.

Likhulu ithemba lokuthi sizokhula isibalo salabo ababuya nezindondo emiqhudelw­aneni yomhlaba eminyakeni embalwa ezayo ukuze iNingizimu Afrika iziqhenye ngekhono enalo kwezokusub­atha.

Okubalulek­ile manje ukuthi i-Athletics South Africa (ASA) iqinisekis­e ukuthi baba khona abanye abagijimi abazolande­la ezinyathel­weni zalaba abasenza sizishaye izifuba, ngokungakh­ohlwa ukunaka labo abasemazin­geni aphansi abazifelay­o ngale midlalo. Kuma-Commonweal­th Games ezayo azokuba se-Australia ngonyaka ozayo silindele ukuthi abagijimi bethu benze kahle njengoba kucaca ukuthi baya ngokudlond­lobala. Sithi halala kubo bonke abathole imiklomelo eKempton Park, basinikeza ithemba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa