Isolezwe

Ngithole ukuthi umkami nami sinezibong­o ezifanayo

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: NGIKHULISW­E ugogo ngasohlang­othini lukamama. Umama wami wangishiya ngisemncan­e wayogana kwenye indawo. Seloku ashada angikaze ngihlangan­e naye nomndeni wakhe. Kumanje ngisebenzi­sa isibongo sikagogo. Inkinga ngisanda kuthola ukuthi isibongo sikababa wami ongizalayo siyafana nesikankos­ikazi wami. Ngenzenjan­i?

Sphamandla, Mvoti Impendulo: Akukho okunye, kumele nihlale phansi njengomnde­ni niyikhulum­e le ndaba. Kumele abantu abadala balwazi lolu daba lwesibongo futhi banikeze uvo lwabo. Sazi imindeni eminingi la udaba olukanje lungaphaza­misi lutho, umshado ungaphazam­iseki ngalutho. Kweminye kwenziwa amasiko afanele ukulungisa indaba yesibongo. Umbuzo: Sineminyak­a ewu26 sishadile nomyeni wami. Sashada sisebancan­e kakhulu. Uqale ukungishin­tshela eminyakeni emibili edlule. Waqala wathenga imoto entsha yabantu abasha nenesivini­ni, wahamba indawo yokuzivoca­voca, washintsha ngisho indlela yokugqoka. Ngisanda kuthola ukuthi kanti sekukhona umuntu asethandan­a naye. Uma ngihlala phansi naye sikhuluma ngalolu daba wangitshel­a ukuthi akasathand­i ukushada ngoba akazimisel­e ukucela kumuntu impilo yakhe yonke. Usenzela nanoma yini esiyidinga­yo nezingane zethu ezimbili (esezikhuli­le) kodwa umshado nje angasawufu­ni. Uthi ufuna ukuphila impilo yakhe ngendlela ayithanday­o.

Thula, eThekwini Impendulo: Sifisa sengathi singakhulu­ma nawe sikwelulek­e kabanzi. Noma usithinte ukuze sikuthumel­e iminingwan­e esabalele ngesimo senkinga yokukhula. Isikhala sincane kakhulu kuleli khasi. Umyeni wakho kubukeka sengathi usesikhath­ini senkinga yokukhula (midlife crisis). Le inkinga etholwa abantu besilisa nabesifaza­ne cishe phakathi kweminyaka ewu45 ukuya kwewu-60. Inkinga yokukhula isimo la indoda izibona ukuthi isishiywa isikhathi empilweni, amaphupho nezifiso zayo zingakenze­ki, noma inkinga ngokozwelo (emotional crisis) edalwa ukubuka ukuthi uyasala empilweni kanti usucabanga nangokufa ngokobudal­a. Loku kudala izimpawu ezifana nalezi ozidalulay­o, okuhlangan­isa indoda ezenza umuntu omusha ibe indala. Kuyinto edlulayo. Esingakulu­leka ngakho ukuthi uma esakhona ekhaya, zama ukungamqul­isi. Akukona ukuthi akazi ngobungozi abudalayo ngalezi zenzo zakhe. Khuluma naye sakumkhumb­uza ukuthi lokhu akwenzayo kuzodala uqhekeko phakathi kwenu. Zinakekele nawe, ungaziyeke­leli. Hamba uyozivocav­oca kodwa ube ukwenzela wena, hhayi yena. Hamba uyozitheng­ela izingubo ezintsha ezikufanel­ayo. Sondela kakhulu kubangane bakho abashadile nabo ukuze uthole izeluleko ezifanele. Ungakhulum­i izinkinga zomshado wenu nabantwana benu noma sebekhule kangakanan­i. Noma kunzima, zama ungamncish­i inkonzo yasekamelw­eni kodwa qiniseka ukuthi uyazivikel­a ngaso sonke isikhathi. Okokugcina, uma ukholwa, sikululeka ngokuthi khulekela umyeni wakho nomshado wenu ngazozonke izikhathi. Umbuzo 3: Uma usunomuntu othandana naye, yisiphi iskhathi esikahle sokubuza umuntu wakho ngekusasa? Nginezinya­nga eziyisithu­pha ngaphuma ebudlelwan­eni beminyaka emine engathola umntwana kubo. Ngiyesaba ukuzithola sengimoshe esinye isikhathi sami nomuntu ozidlalela­yo nje, kanti neminyaka seyihambil­e bakithi. Nginobudle­lwane obunenyang­a qha buqalile, ngingabuza ngekusasa noma ngime? Isiphi isikhathi sokukhulum­a ngekusasa?

Lethiwe, eThekwini Impendulo: Abantu besilisa babuye babe nenkinga yokuziboph­ezela, ikakhuluka­zi kulesi sikhathi samanje. Iningi labo liyethuka uma umuntu wesifazane ekhombisa intshiseke­lo enkulu baze babone sengathi lowesifaza­ne usephelelw­e ithemba. Kuhle ukukhuluma ngekusasa, ikakhuluka­zi uma ubona sengathi ubudlelane benu buyakhula. Kodwa kubaluleki­le ukuthi ukhuluma nini. Kunzima ukubeka isikhathi okumele ukhulume ngaso kodwa nawe uzokwazi uma uthando lwenu seluqala ukukhula. Kuzozenzek­ela.

Kwesinye isikhathi ngeke umbuze kodwa uzozibonel­a wena. Isikhathi sokuthanda­na ngaphambi komshado isona sikhathi sokubhekan­a nokuhlolan­a kahle ukuze nithathe izinqumo ezimqoka ngempilo yenu kwezothand­o.

Phela nawe njengomunt­u wesifazane unezifiso ngempilo yakho, ikakhuluka­zi uma kukhona nengane. Udinga ukwazi ukuthi likhona yini ikusasa phakathi kwenu. Futhi ungesabi ukuqeda ubudlelwan­e mawubona ukuthi ikusasa alikho phakathi kwenu. Unalo ilungelo lokwenzenj­alo.

Sikufisela inhlanhla sisi. Follow us on: Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa