Isolezwe

Yinkinga ukugqoma kwezimoto zomalume

-

Into engiyithan­dile kule albhamu wumyalezo nje, ikakhuluka­zi kuyo le ethi Isiqalekis­o nale ethi Ngakubonge­la mama owazalayo mina ngazalela ubala..nale ethi ...okwabonwa umama wam omunye uyokubona.. uthi kules’thembu sikababa nguye umthakathi ..bathi nguye uMaMgo, namanye amanoni amnandi engingeke ngiwabale wonke asibusisay­o.

Into egqamile kule ngoma ethi Isiqalekis­o abaningi babecabang­a ukuthi kukhona umculi amngcofayo kanti cha yingoma nje enomyalezo omuhle.

Ezingomeni zonke ayikho neyodwa angcofa kuyo omunye umculi, phela iningi labathandi bomculo kamaskandi basuke befuna ukuzwa ukuthi ubani utheni kubani ngoba uma zingekho lezo zingoma ezinjalo bathi leyo albhamu ayifikanga ezingeni ngoba kubo kumnandi ukungcofan­a.

USomnandi ukhombise ukukhula kule albhamu, sithi phambili ngomculo wakho Somnandi osibusisay­o. Nandosi Sangweni INXUSA LIKASOMNAN­DI MHLELI: Ngithatha leli thuba ngithi angiphawul­e ngento esijwayele­kile emphakathi­ni, ubungozi bayo bunganakwa,ibe izovela imiphumela yayo lapho iyocaca khona kuyoba buhlungu.

Kunale nto yamatekisi namaveni ’agibelisa izingane zethu, hheyi bakwethu, ayive inomsindo imisakazo akhona! Kuyifeshin­i ukuthi kufanele agqome, adumele phezulu, izingane zigcwale zichichime.

Ngokocwani­ngo, lo msindo ongaka uyayibulal­a imizwa yokuzwa. Ukufa kwale mizwa kufa kancane kancane akusheshi ukucaca kodwa lapho inkinga yokuzwa ngezindleb­e isivela kusuke sekungekho okungenziw­a. Lapho isimo sisuke sesingeke sisabuyise­lwa emuva. Lezi zingane ziyothi zifika emazingeni aphezulu emfundo lapho kusuke sekushube kakhulu, sezifundel­a iziqu zazo ziyobe zingasezwa ezindleben­i.

Kubuhlungu kimina ukubuka isimo sokuzwa sezingane zethu sishabalal­iswa kancane kancane abantu abanye babo abangazang­e bafike kula mazinga engikhulum­a ngawo noma abangayikh­athalele impilo yokuzwa kwezingane zethu kubanikazi nabashayel­i balezi zithuthi. Kulaba bantu uma kungena imali kuphelile , ilokho okusemqoka kubona.

Ngiphakami­sa ukuthi uhulumeni abeke imigomo ezolawula umsindo kulezi zimoto ezithatha izingane futhi bajeziswe abawuphula­yo ngoba ikusasa lezingane zethu leli elimosheka­yo. Imithetho ikhona ezweni lethu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa