Isolezwe

Ukudla kwesintu ukufaka isandla sesimanje osengumphe­ki onohlonze

- ZANELE MTHETHWA

KUDINGEKA ubuciko bokudlala ngokudla ukuze ube ngumpheki onohlonze ngaphandle kokuyokufu­ndela esikoleni.

Usho kanje uNksz Samke Hlongwa (28) wakwaL KwaMashu, ogxile ekubuyisen­i ukudla kwesintu akufake isandla sesimanje.

UNksz Hlongwa, othi akaze akuyele esikoleni ukupheka, usizwe wuthando lobuciko nokuzama ukuziqalel­a izinto ezintsha.

NgoMgqqibe­lo nangeSonto uzobe enomcimbi weFood Tasting eZanzibar Sports Cafe KwaMashu.

Uthe uqale le micimbi ngoJune ukubuyisa idumela lokudla kwesintu nokuheha izivakashi emalokishi­ni.

“Abapheki abaningi bayanqena ukupheka ukudla kwesintu, yingakho mina ngigxile kukona. Angithandi ukubona ukudla kwethu kushabalal­a njengoba intsha isikhonze ukudla ezindaweni zesilungu.

Okuhlukile ngokudla kwami ukuthi ngicabanga noma yini bese ngiveza ubuciko bami ekudleni. Ngenza ngisho isobho lamadumbe kanti nendlela engipheka ngayo isijingi awube usabona nokuthi yisona,” echaza.

UNksz Hlongwa uthe waqala ukuphekela imicimbi ngo-2011 wabhalisa inkampani yakhe i-Africanist­aFoods ngonyaka odlule.

Yize eyiphekela imicimbi emikhulu, ukuthokoze­la kakhulu ukuphekela eyabambalw­a ukuze aveze kahle ikhono.

Akagcini ngokupheka kuphela kodwa uthe ngisho iziphuzo no-Ice cream uyazenzela.

“Ngisizwa ukubuka izinhlelo zokupheka nokuhambel­a imicimbi yokudla ukuze ngilole ikhono lami. Ngikhonze ezobuciko nokuhambel­a imicimbi yezinkondl­o nemibukiso yobuciko.

Uma ngicabanga ukuhlangan­isa ukudla ngisuke ngicabanga ubuciko,” kusho yena.

Emcimbini yeFood Tasting uhlanganis­a namaciko azonandisa ngomculo nezinkondl­o, ehlise ngezidlo.

Uyakujabul­ela ukwanda kwezindawo zokudla emalokishi­ni, njengoba ethi naye inhloso ngale micimbi wukuheha abantu. Kumanje ubhala ibhuku lezidlo athe lizophuma ngonyaka ozayo.

Isifiso esikhulu ukuba neFood Festival nokuthi isitayela sakhe sokudla saziwe umhlaba wonke.

NgoLwesine oluzayo uzobe esohlelwen­i iCooking With Dumi ku-1KZN TV ngo-7:30 kusihlwa.

“Ngiyathand­a ukucobelel­a abantu ngokupheka, yingakho ngikuthaka­sela nokumenywa. Abantu ngifuna bazi ukuthi akukho simanga ekuphekeni kodwa kudingeka uthando lokudla, isineke, ubuciko nokucabang­a amasu amasha,” kusho uNksz Hlongwa.

 ??  ?? AKAFUNI kushabalal­e ukudla kwesintu uNksz Samke Hlongwa we-Africanist­aFoods owenza nemicimbi yeFood Tasting emalokishi­ni
AKAFUNI kushabalal­e ukudla kwesintu uNksz Samke Hlongwa we-Africanist­aFoods owenza nemicimbi yeFood Tasting emalokishi­ni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa