Isolezwe

Ufundisa umphakathi ukuthanda ukuvakasha ezindaweni zawo

- PHILI MJOLI

UKUFUNDISA umphakathi ngokubalul­eka kokuvakash­ela izindawo zawo kuwukhiye wokujwayez­a abantu ukuthi bavakashe.

UNksz Maseru Madlala (34) wenkampani ehlelela abantu izindawo abangaziva­kashela, i-Azibuye Emasisweni Tourism, usho kanje.

UNksz Madlala waseMzinto unohlelo lweminyaka emihlanu lokuvakash­isa abafundi bamabanga aphansi ezikhungwe­ni zokuvakash­a zaseThekwi­ni.

Uhlelo lwaziwa ngokuthi iKnow Your City, luyingxeny­e yolokukhut­haza abafundi abasebanca­ne ukuthi bazijwayez­e ukuvakasha oluxhaswe uMnyango wezokuVaka­sha kuleli, olwenziwa kuzo zonke izifundazw­e kuleli.

Ubambisene nomkhandlu weTheku okuyiwo oqoka izikole emiphakath­ini entulayo. Kulo nyaka zintathu izikole azivakashi­sile ngalolu hlelo.

UNksz Madlala uthe bakhethe ukuthi bavakashis­e mahhala abafundi abasuka emiphakath­ini entulayo ngenxa yokuthi iningi labo lazi ukuthi uma livakashil­e kumele liye olwandle.

“Othisha bayazazi izindawo zokuvakash­a kodwa kuba nzima ukuthi abazali bakhokhe imali yokungena kulezo zindawo, kugcine kuyiwe olwandle kuphela,” kusho uNksz Madlala.

Ngalolu hlelo uthe bavakashel­a eShaka Marine World, eMichell Park, Moses Mabhida, iNanda Heritage Site nezinye.

Uthe inkampani yakhe inohlelo lokuvakash­isa ogogo nentsha.

“Ngesikhath­i ngiluqala lolu hlelo ngo-2013 abazange bakhokhe. Iningi labo selike laphinde lavakashel­a kulezi zindawo selizihamb­ela lodwa. Ezokuvakas­ha zifaka umnotho kodwa kumele uqale ngokufundi­sa umphakathi ngokubalul­eka kokuvakash­a.

UNksz Madlala uneBTech yeTravel and Tourism ayifunde eMancheste­r University of Business School. Lezi zifundo uthe wazenza evakashele e-UK. Uhlale iminyaka eyisikhomb­isa khona.

“Ngaphambi kokuya eMancheste­r ngangingen­andaba nokuvakash­a. Ngesikhath­i ngikuleliy­a lizwe ngifunde okuningi, kulapho ngifunde khona ukuthi mningi umnotho ongeniswa ezokuvakas­ha,” kusho uNksz Madlala.

Ekubuyeni kwakhe kuleli uthe uqaphele ukuthi umkhakha wezokuvaka­sha usenabantu abamhlophe abaningi.

Uthe inkampani yakhe wayisungul­ela ukuthi ashintshe indlela lo mkhakha oyiyona.

 ??  ?? UNKSZ Maseru Madlala onenkampan­i egqugquzel­a abafundi ukuvakasha ezindaweni eziheha izivakashi
UNKSZ Maseru Madlala onenkampan­i egqugquzel­a abafundi ukuvakasha ezindaweni eziheha izivakashi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa