‘Abantu abafunde ngezilwane’
UFUNA ukuqeda inkolelo yokuthi kunezilwane zasendle zokuthakatha, owesifazane osebenza esibhedlela sazo eThekwini. UNksz Nompilo Ngcobo (29) waseDududu, uyi-Education Officer eCentre for Rehabilitation of Wildlife (Crow) lapho ebuye asize khona izilwane ezilimele.
Ukuba nomkhulu obethanda ukuzingela, yikho okumenze waba nothando lwezilwane. Utshele Isolezwe ukuthi iyamkhathaza indlela abantu abazizonda ngayo izilwane ekubeni nazo zidinga ukunakekelwa.
“Abantu bayazilimaza izilwane ngenxa yenzondo nokuzicabangela kabi. Kithina abamnyama isikhova nemfene siyakuzonda ngoba sazi ukuthi kuthakathwa ngazo. Lezi zilwane nazo zinomsebenzi eziwenzayo futhi siyazidinga,” echaza.
UNksz Ngcobo uthe uyakuthanda ukufundisa ngezilwane, ikakhulukazi izingane ukuze zikhule zicabange ngendlela ehlukile kunabadala. Inhlangano yabo imema izikole zamabanga aphansi ukuze kufundiswe izingane ngezilwane. Uthe nabantu abadala kumele baguqule indlela abacabanga ngayo ngezilwane ngoba kunezivakashi ezifika ukuzobona zona. Uma kushoda izilwane kusho ukushoda kwezivakashi ezinyusa umnotho wakuleli.
Ugcizelele ukuthi abantu kumele bakujwayele ukuthi izilwane zasendle bangazibona noma yikuphi ngoba zihamba zifuna ukudla. Uthe ukugawulwa kwezihlahla kwenza izilwane ziphelelwe yindawo.
“Izilwane zasendle zithanda izihlahla namahlathi. Ukufika kwentuthuko nokwakhiwa kwezinxanxathela zezitolo, kuyawanciphisa amahlathi. Abantu kumele bakulindele ukuhlangana nemfene icanasa ngoba iphelelwe indawo yokucasha. Njengoba kukhona nesomiso nje nazo ziyaphuma zihambe zifuna ukudla. Zisuke zibalekela nabalimi, kwesinye isikhathi abazidubulayo besabela izitshalo zabo,” kusho yena.
Izilwane ajwayele ukusebenza ngazo uNksz Ngcobo kubalwa izikhova, izimfene, izinkawu nochakide athe baqeda izinyoka eziyingozi. Ebuzwa ukuthi akazisabi yini izilwane, uthe zonke ziyingozi kodwa zidinga ukuhlonishwa.
“Ngonyaka sisiza izilwane ezingaphezu kuka-3 000 ezihlukumezekile, u-90% wazo ezilinyazwe ngabantu. Kuyenzeka sithole isilwane silimele noma sihlukumezekile. Ngiyasithatha ngisisonge ngethawula, ngisinike usizo lokuqala ngaphambi kokusingenisa esibhedlela. Sinalo ngisho igumbi lezilwane ezigula kakhulu, zonke siyaziphindisela endle uma seziluleme,” kuchaza uNksz Ngcobo.
UNksz Ngcobo uphothule u-matric eRoseville Secondary, wenza iNature Conservation e-Unisa. Uke wasebenza eJohannesburg Zoo naseLion Park ngaphambi kokuqala eCrow ngo2014.