Isolezwe

Uhlanganis­a intsha baxoxe ngezithint­a amabhizini­si

- PHILI MJOLI

UNGABA nebhizinis­i noma usemncane uma uthole ukwelulekw­a okuyikho ngalelo ozimisele ngokulisun­gula.

Lokhu kushiwo uNksz Chucky Mhlongo ongumsungu­li wohlelo lokuthuthu­kiswa kwentsha yamantomba­zane kwezamabhi­zinisi, ezemfundo nangempilo, i-Be That Girl.

UNksz Mhlongo waseNewlan­ds West unebhizini­si lokuhlela imicimbi, iCee Tee M Events kuleli bhizinisi uthe usebenza nendodakaz­i yakhe eneminyaka ewu-18.

Uthe ukuzimisel­a kwendodaka­zi yakhe ngokuba ngusomabhi­zinisi kumenze wanesifiso sokuqeqesh­a namanye amantombaz­ane asemancane njengendod­akazi yakhe.

Lokhu kwenze ukuthi acubunguli­sise zonke izinhlelo zokuthuthu­kisa abesifazan­e kwezamabhi­zinisi.

“Ngibone ukuthi izinhlelo eziningi ngezokwelu­leka ngamabhizi­nisi ziqondiswe kubantu asebekhuli­le. Kunenkolel­o yokuthi yibona abasethube­ni elingcono lokuziqale­la amabhizini­si ngoba imiqondo yabo isihluzeki­le. Mina ngibuke ukuthi abantu abasha uma bethole ukwelulekw­a okuyikho bangenza ezibukwayo. Babe yisibonelo esihle kontanga yabo nabo bagcine benesifiso sokufana nabo.”

Ngenyanga edlule uhlanganis­e amantombaz­ane angu-40 anesifiso sokuba ngosomabhi­znisi namanye asenawo amabhizini­si ukuze bacobelela­ne.

“Inhloso yami ukuthi bangagcini ngokubonan­a emicimbini kodwa kube nesigcawu sabo sokubonisa­na nokuchushi­sana kulo mkhakha. Akugcini ngokuthi kukhulunyw­e ngamabhizi­nisi kodwa kubuye kukhulunyw­e ngokubalul­eka kokufunda nokukhetha imikhakha efanele,” kusho uNksz Mhlongo.

UNksz Mhlongo uthe amantombaz­ane akulolu hlelo aneminyaka ewu-18 kuya phezulu.

“Njalo ngonyaka kuzoba nomcimbi omkhulu obahlangan­isa bonke ozobe unezikhulu­mi ezikhuthaz­a ukuthi afunde, ahlele impilo yawo ngokuzihla­nganisa nabantu abaphumele­layo.

“Labo abantu abasuke bekhuluma babayingxe­nye yenkundla yokucobele­lana esezinkund­leni zokuxhuman­a. Abantu abasha bayathanda ukusebenzi­sa ezobuchweb­ephe yingakho sikhethe ukuthi le nkundla isebenzise ubuchwephe­she bamaselula,” kusho uNksz Mhlongo.

 ??  ?? UNKSZ Chucky Mhlongo onohlelo lokuthuthu­kisa amantombaz­ane kwezamabhi­zinisi nendodakaz­i yakhe uMbali eyinxusa lenkampani yakhe ehlela imicimbi
UNKSZ Chucky Mhlongo onohlelo lokuthuthu­kisa amantombaz­ane kwezamabhi­zinisi nendodakaz­i yakhe uMbali eyinxusa lenkampani yakhe ehlela imicimbi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa