Isolezwe

Owasezindl­ini ubuye nendondo e-USA

- ZANELE MTHETHWA

UGIJIME elimele owesifazan­e osebenza ezindlini eBallito, obengenele okokuqala iNew York Marathon e-United States of America (USA).

UNksz Veronica Mtetwa (osesithomb­eni) wasoPhongo­lo, uwuqede kunzima lo mjaho ka-42km emuva kokulimala eqakaleni. Utshele Isolezwe ukuthi udokotela wakhe ubengayizw­a eyokuqhube­ka nomjaho njengoba ebesenamas­onto ayisihlanu elimele. Ubuye kuleli ngoLwesihl­anu emuva komjaho obungeSont­o eledlule.

“Udokotela wayethe akaboni ukuthi ngiyowuqed­a ngisho u-5km uma ngiqhubeka nalo mjaho. Ngamtshela ukuthi ngizoqinis­ela ngigijime,” kusho uNksz Mtetwa oneminyaka engu-34.

Ubehambe nomqashi wakhe uNkk Jody Cameron njengoba kunguye nomndeni wakhe abebemesek­a bemcelela noxhaso. Bahlale isonto lonke eNew York.

Uthe ngemuva komjaho ubengakwaz­i ngisho ukuphuma endlini ngenxa yezinhlung­u eqakaleni. Uqede emahoreni ayisihlanu nemizuzu engu-19 kulo mjaho, okuyinto athi akayijwaye­le. Ngokujwaye­lekile emijahweni yaleli banga wenza amahora amathathu nemizuzu embalwa. Yize ekujabulel­a ukuthi uwuqedile umjaho phezu kobunzima abhekana nabo, akasithand­i isikhathi aqede ngaso.

Ubabaza uthando lwemijaho kubantu base-USA, athe bebegcwele imigwaqo bezobukela. Uthe uthole ukuthi indlela abayithand­a ngayo imijaho, bayithakas­ela ngokufanay­o ngisho eyamabanga amafishane. Ufisa sengathi lolu thando lungaba khona nakwabakul­eli, bangajabul­eli iComrades Marathon kuphela.

UNksz Mtetwa ubuye nendondo ewuphawu lokuqeda lo mjaho athe lisho lukhulu. Ubesenikel­elwe imali engaphezu million. kukaR40 000 ukungenela lo mjaho. Lokhu kwenze ukuthi naye azibopheze­le ukusiza abadinga uxhaso. Kumanje uqongelela isikhwama sokunikele­la ikhaya lezintanda­ne iSummer Hill House eKwaDukuza. Uthe uzimisele ukuqoqa uR1

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa