Umlando kaZulu neSilo uCetshwayo
ISILO uCetshwayo kaMpande sidume futhi sahlonishwa ngokunqoba impi enkulukazi yamaZulu ebambene namaNgisi, Impi yaseSandlwana yango1879. Kuningi okunye okuwumlando okwenzeka ngesikhathi sokubusa kwaso.
Yingakho uMasipala wesifunda iKing Cetshwayo usungule uhlelo lwezokuvakasha olufundisa ngomlando weSilo.
Ngeledlule uhlelo lwethulwe ngokusemthethweni ngohambo oluvakashela izindawo ezibalulekile ezithinta umlando kaCetshwayo, olubizwa ngeThe King’s Experience okusho ukuthi izivakashi zithola kabanzi ngempilo kaCetshwayo.
Kazitholi nje kuphela ngempilo kaCetshwayo kepha nangomlando jikelele kaZulu, Isolezwe libe ngabanye abavakashele kule ndawo, uKiki Ntuli usibuyele nalolu lwazi ngale ndawo.
Uhambo lweThe King’s Experience luhlanganisa izindawo ezehlukene enyakatho neKwaZuluNatal, kubalwa eShowe, eMelmoth, Mthunzini naseRichard’s Bay.
Lezi zindawo zikomasipala abangaphansi kowesifunda - okungowaseMlalazi, Mthonjaneni, uMhlathuze neMfolozi.
Phakathi kwezindawo okuhloswe ngazo ukuheha izivakashi nokufundisa ngomlando kukhona iShakaland eseNkwalini, phakathi kwaseShowe naseMelmoth.
Le ndawo yayakhelwe ukuqopha umdlalo wethelevishini osanda kubuya ubukiswa kuSABC1 iShaka Zulu.
Isiphenduke indawo eheha izivakashi njengoba kuyo kufundiswa ngomlando kaZulu kusuka ngenkathi yokubusa kweLembe.
Kutshengiswa nangempilo eyayiphilwa emandulo njengokudla okwakudliwa ngaleya nkathi nokwakhiwa kwenxuluma.
Kuphinde kujatshuliswe izivakashi ngengoma enenkosi nendlamu evusa usinga, kuphuzwe utshwala obugayiwe.
Kulolu hambo kugqama nobungani obabuphakathi kweSilo uCetshwayo noJohn Dunn owaduma ngokuthatha amakhosikazi angu-48 kwaZulu wagcina esenezingane ezingu-117.
Impi yaseWombane/Nyezane yaqeda lobu bungani amangisi ehlula uZulu njengoba uDunn wayesehamba nohlangothi lwamangisi.
UDunn nomndeni wakhe bafuduka nezinkomo ezingaphezu kuka-3000 wagcina esengumlimi oyinkinsela.
Kuvela nokuthi ngenkathi uCetshwayo eya e-England eyohlangana nendlovukazi yamaNgisi ukuyolwelwa umbuso, umkhumbi kawufunanga ukusuka kwaze kwaba ubuyela Ondini ukuyobika kwabaphansi ukuthi uya kwelinye izwe kwayima umkhumbi usuka.
“Sifuna ukuthi lo mlando uhlale ukhunjulwa yizizukulwane ngezizukulwane, yingakho kusungulwe iThe King’s Experience. Ngeke nje kuphela ithuthukise ezokuvakasha kepha izophinde ifundise ngemvelaphi nomlando kaZulu nangempilo yeSilo sasoNdini uCetshwayo. Sithemba ukuthi abantu bazokuya kulezi zindawo ezehlukene ukufunda ngomlando,” kusho iMeya yaseKing Cetshwayo uNksz Nonhle Mkhulisi.
Ezinye izindawo ezingavakashelwa yiVukani Zulu Cultural Museum eseShowe lapho kubukiswa kuphinde kudayiswe khona izinhlobonhlobo zobuciko, yilapho kwatshalwa khona iSilo uCetshwayo eliseNkandla, isiqiwi esigabisa ngezindlovu iThula Thula.
Kwabathanda ukungcebeleka bangaya echwebeni laseRichard’s Bay iTuzi Gazi lapho kuntwezwa khona ngesikebhe.
Kukhona nendawo yokuphisa utshwala i-rum iTapanga.