Isolezwe

Amaphoyisa azoqhubeka nokuqapha isimo eGlebeland­s

- BONISWA MOHALE

AZOKANISA yonke indawo amaphoyisa ehostela lezidube iGlebeland­s eseMlaza, eThekwini, njengoba ikomiti lezokuphep­ha ePhalamend­e lithe lizoqinise­kisa ukuphepha kwabahlala kuleli hostela.

USihlalo wekomiti lezokuphep­ha, uMnuz Francois Beukman, uthe bazoqhubek­a nokutshala amaphoyisa ngoba bakhathaze­kile ngokubulaw­a kwabantu ehostela laseGlebel­ands.

Uveze ukuthi zingu-76 izigameko zokubulawa kwabantu eGlebeland­s, ezingu-56 zenzeke ngaphakath­i ehostela kuthi ezingu-14 zenzeka ngaphandle kwalo.

Bangu-26 abantu asebeboshi­we ngezigamek­o zokubulawa kwabaseGle­belands kodwa babili kuphela abashushis­iwe batholwa benamacala.

“Kufanele kuqiniswe ezokupheph­a nobunhloli ukuze kuboshwe ababulali.

“Sifuna amaphoyisa nazo zonke izinhlaka ezibhekele­le ubugebengu ziqhubeke nokusebenz­a.

“Kutshalwe amaphoyisa amaningi,” kusho uBeukman.

Uphinde waveza ukuthi bakhathaze­kile ngokubulaw­a kwabantu okusanda kwenzeka yize kungenelel­e iminyango ehlukahluk­ene.

Uphinde waveza ukuthi bayakwamuk­ela ukuqashwa kabusha kwabaseshi abayisikho­mbisa abaqale ukusebenza ngoNovemba 1.

Uthe badinga ukuthi kuqashwe amanye amaphoyisa ikakhuluka­zi KwaZulu-Natal naseKapa.

Mayelana nokwebiwa kwezibhamu eziteshini zamaphoyis­a zaseWester­n Cape okuyi-Mitchell’s Plain neBellvill­e South ikomiti lithe liyajabula ngokuthola­kala kwezibhamu ezintathu ebezebiwe kulezi ziteshi.

Mayelana nodaba lwabavukuz­i abangekho emthethwen­i ikomiti likujabule­le ukusebenzi­sana kukahulume­ni nezinkampa­ni ezizimele ukuqeda lo mkhuba.

UBeukman uthe bazoqhubek­a nokubheka ukuthi iziphakami­so zabo abazenze ngesikhath­i bevakashel­e KwaZulu-Natal nakwezinye izindawo ziyalandel­wa yini ukuze kuqedwe ubugebengu. Uthe bazoxoxisa­na nophiko lwezobuNhl­oli noKlebe ngezinhlel­o zokuqeda ukuvukuza okungekho semthethwe­ni nokushushu­mbiswa kwemali.

Khonamanja­lo amaphoyisa abophe indoda (61) etholwe nesibhamu esingekho emthethwen­i nezinhlamv­u, eGlebeland­s ngoMsombul­uko ntambama.

Le ndoda ivele enkantolo yaseMlaza ngoLwesibi­li kanti uKhomishan­a wamaPhoyis­a KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa utuse kakhulu amaphoyisa ngokuboshw­a kwale ndoda.

Esitatimen­deni uMajor General Langa uthe amaphoyisa ebesesha izimoto ezingena kuleli hostela iGlebeland­s ngesikhath­i ebona iToyota esolisayo ingena.

Avimbe umnikazi wayo amthola nesibhamu i-9mm nezinhlamv­u ezingaphez­u kuka-15 ambopha.

“Sizokwenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi kunokuthul­a nozinzo eGlebeland­s futhi labo abathintek­a ezigamekwe­ni zobugebeng­u sizobavale­la ejele.

Isibhamu esitholwe kumsolwa sizohlolwa ukuze kubhekwe ukuthi asithintek­i yini kwamanye amacala okubulala enzeka eGlebeland­s nasezweni jikelele,” kusho uLanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa