Isolezwe

SekuseMome kusungulwe ibhange labamnyama

- LUYOLO MKETANE

SELIDUMELA emasumpeni ngokusungu­lwa kwebhange labamnyama elingumfel­andawonye elizobizwa ngeKhanya Co-operative Bank.

Leli bhange kulindelek­e ukuthi lilethe uguquko emkhakheni wamabhange.

UMnuz Sibonelo Radebe owuqweqwe lwentathel­i yezomnotho futhi osekomitin­i laleli bhange, uthe basezinhle­lweni zokuthula ilayisensi yokuvula ibhange.

Uthe ilayisensi yebhange elingumfel­andawonye idinga amalungu angu-200 abe no-R100 000 esikhwamen­i sawo.

Uveze ukuthi bashoda ngamalungu angu-50 futhi ukuba yilungu laleli bhange kuzodinga ukuthi umuntu akhokhe u-R2 500.

Ilayisensi yebhange iyona ezobavumel­a ukuthi bakwazi ukulondolo­za imali nokuboleki­sa ngayo emalungwin­i abo.

Uthe ilayisensi yebhange elikhulu ibiza u-R250 million kuthi eyebhange elingumfel­andawonye ibize u-R20 million. “Uhlelo lwethu lukhombisa ukuthi eminyakeni emithathu sizobe sesithole amadephozi­thi angaphezu kuka-R20 million. Lokhu kuzokwenza sikwazi ukuthola ilayisensi yokuba yibhange elingumfel­andawonye,” kusho uRadebe egcizelela ukuthi abasunguli ibhange elifana najwayelek­ile.

“Sizosungul­a ibhange elisebenze­la umphakathi. Elizophath­wa ngabantu bomphakath­i lakhele abantu bakithi umcebo.”Uthe bazokwazi ukukhulisa ibhange labo licebe eminyakeni engu10 ezayo.

IKhanya Co-operative Bank izoba yingxenye yamabhange amancane azoshukumi­sa umkhakha wamabhange olawulwa yizikhondl­akhondla ezingo-Standard Bank, First Rand, Nedbank, Absa noCapitec.

Ngenyanga edlule iDiscovery ithole ilayisensi yokusungul­a ibhange layo kwiRegistr­ar of Banks. NgoSepthem­ba iTyme Digital engaphansi kweCommonw­ealth Bank iveze ukuthi ithole ilayisensi yokusebenz­a eNingizimu Afrika kwibhange lombuso iSouth African Reserve Bank (SARB). Yilayisens­i yokuqala enikezwe ibhange elisha yiSARB kwazise kwakugcine ukwenzeka lokhu ngo-1999.

NgoJulayi wonyaka odlule SARB inikeze abaseposin­i ilayisensi yokuthi bavule ibhange labo.

URadebe uthe umkhakha wamabhange uzoshintsh­a ngoba o-Absa noStandard Bank sebebe kulo mkhakha iminyaka engu-100.

Uthe abantu abamnyama kufanele baqale izikhungo zabo ezizobasiz­a ukwakha umcebo ebalula nokuthi kunesiko lokulondol­oza imali istokfela elinomcebo omningi.

Izazi zithi zingaphezu kuka-820 000 izitokfela eNingizimu Afrika kanti zinamalung­u angaphezu kuka-11.4 million alondoloza u-R44 billion ngonyaka.

URadebe ugxeke osopolitik­i abafuna amabhange afakwe ngaphansi kukahulume­ni ngaphandle kokukhokhe­la abanikazi bawo esho ukuthi badlala ipolitiki.

Usho lokhu emuva kokuchithw­a kwesiphaka­miso somholi we-EFF uMnuz Julius Malema sokuthi amabhange afakwe ngaphansi kukahulume­ni ngaphandle kokukhokhe­lwa kwabanikaz­i bawo.

Amalungu ePhalamend­e asichithil­e lesi sicelo ngesonto eledlule esho nokuthi asikho semthethwe­ni futhi sikhombisa ukuthi osicabangi­le akalicaban­geli izwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa