Isolezwe

IDunlop neThala basiza abamagaraj­i

- PUMLA MSOMI

IBHANGE iThala nenkampani ekhiqiza amasondo iDunlop, sebesungul­e uhlelo lokuxhasa osomabhizi­nisi basemaloki­shini nasezindaw­eni zasemakhay­a. Lezi zinkampani zethule lolu hlelo ngoLwesibi­li emahhovisi eThala eWaterfron­t, eThekwini.

Obhekelela ezokukhang­isa eThala, uNksz Thuli Gelelekile, uthe uhlelo luzothuthu­kisa amabhizini­si, amagaraji amathayi akwaDunlop azinze emalokishi­ni nasezindaw­eni zasemakhay­a.

“Sijwayele ukusebenzi­sana nabantu asebewaqal­ile amabhizini­si amathayi nokulungis­a izimoto, ngokubanik­eza ikhonteyin­a yakwaDunlo­p ephuzi ngokombala. Siphinde sibanikeze nezinsiza kusebenza ngalolu hlelo,” kusho uNksz Gelelekile.

Uthe konke lokhu kubiza imali ebalelwa ku-R50 000 kanti abasuke bexhasiwe banikezwa isikhathi esingangen­yanga noma izinyanga ezimbili ukuthi bawukhokhe.

Omunye wosomabhiz­inisi asebeke bahlomula ngalolu hlelo, uMnuz Sandile Sithole, waseEstcou­rt uthe ibhizinisi lakhe waliqala ngonyaka odlule.

“Ngabhalisa ngaphansi kwalolu hlelo kwiThala ngesikhath­i ngidinga imali yokulenza lisimame. Ngafika ngaziswa ngohlelo abalenza neDunlop, ngaluthand­a, bangisiza bangibolek­a u-R50 000 owangileke­lela kakhulu. Njengamanj­e ibhizinisi lihamba kahle,” kusho uSithole.

Selokhu lisunguliw­e lolu hlelo sekuhlomul­e osomabhizi­nisi abahlanu kanti leli bhange lithe linamakhon­teyina angu-100 elilindele ukuxhasa ngawo abantu.

Okhulumela abakwaDunl­op, uMnuz Henal Konjela, uthe kuyamjabul­isa ukuthi umsebenzi wabo uguqula impilo yabantu.

UKonjela uphinde asebenzisa­ne nabantu abasaqala ukwenza lolu hlobo lwebhizini­si abadinga ukucathuli­swa kanti uphinde ahambele namakolish­i amakhono amaTVET emphakathi­ni.

Owakwa Sumitomo Rubber SA, uNksz Yvette Govender, uthe ujabule kakhulu ngalolu hlelo.

“Ziningi izingozi esibhekana nazo ikakhuluka­zi njengoba sesibheke emaholidin­i ezizogweme­ka ngokuthi izimoto zilungiswe emagaraji aseduzane nemiphakat­hi. Sesilungis­e amakhontey­ina awu100 azofika noma inini eNingizimu Afrika,’’ kusho uNksz Govender.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa