UMzimela usabisa ngokushiya kuma-amesha
USABISA ngokushiya ngenkani isigaba sama-amesha umshayisibhakela waKwaZuluNatal, uMduduzi “Sgora” Mzimela, okuthiwa uvinjelwa ngabaphathi abasafuna ayomela iNingizimu Afrika emidlalweni yama-Olympic ezoba seTokyo ngo-2020.
Isolezwe lithole ukuthi abaphathi beKwaZulu-Natal Olympic Style (KZN) Boxing abafuni nakuyizwa indaba yokuthi uMzimela usefuna ukufudukela esigabeni esikhokhelayo ngoba uyithemba lesifundazwe. Ungomunye wabashayisibhakela asebeqoqele iKZN izindondo zegolide ephindelela ikakhulukazi emiqhudelwaneni yezifundazwe, ama-Elite Championships.
UMzimela (21) owenza u-matric eMevamhlophe High School, eMpangeni, uphinde wagila izimanga ebuya negolide emidlalweni ye-Open Boxing League ebikade ise-East London emasontweni edlule.
“Ngiya esigabeni esikhokhelayo ngonyaka ozayo, ngeke bangivimbe manje. Sengibasebenzele. Ngizibona ngingasayitholi inselelo kumaamesha nokwenza kube nzima ukubona amaphutha okufanele ngiwalungise. Ngaphandle kwalokho, thina sesivimba isikhala samabhokisa asemancane okusafanele nawo adlalele isifundazwe,” kusho uMzimela.
UMzimela ngomunye wabashayisibhakela abaqeqeshwa nguThulani “3 Second” Nkwanyana, oseyinyanga yodumo yaseMevamhlophe ekhiqize u-Innocent “Tycoon” Mantengu ophethe ibhande le-IBF Continental Africa noSiboniso “Tiger” Gonya ozobhekana noZolani Tete empini yebhande le-World Boxing Organisation (WBO) bantamweight ngoMgqibelo. Ngaphandle kukaMzimela kukhona abanye abashayisibhakela okuthiwa bayenqatshelwa ukunyukela esigabeni esikhokhelayo okukhona kubo uNomusa Ngema waKwaMashu noBathabile Ziqubu waseMnambithi asebethwale iKZN iminyaka eminingi. Kubashayisibhakela asebewelele “emalini” kukhona uSphelele Myeza waKwaMashu nabanye.
“U-3 Second uthe uzokhuluma nabo ukuze bangidedele. Inkinga iqale ngokuthi bezwe (abaphathi) ukuthi sengisesigabeni esikhokhelayo okungelona iqiniso. Sebehlala bengitshela ukuthi sebeyakwazi lokho. Uma ngihluleka ngizoqonda umengameli (uSandile Sibisi), ngimyele ekhaya ngiyokhuluma naye. Uma konke lokho kungasebenzi ngizovuma ukulwa ezimpini ezizoba ngoDisemba, emuva kwalokho ngicele umbhobho ngimemezele ukuthi sengiyayeka,” kusho uMzimela.
Umdonsiswayo
ngabashayisibhakela yinto eneminyaka ikhona eKZN. Abesigaba sama-amesha abayizwa eyokudedela amabhokisa abo ukuthi anyukele esigabeni esikhokhelayo.
Isikhulu se-Olympic Style esikhulume neSolezwe silibeke ngembaba elokuthi uMzimela uzolinda ama-Olympic.
“Sifuna ukuya ngaye kuma-Olympic, ngeke ahambe okwamanje. Thina sifuna ukubona laba bantu besibhakela esikhokhelayo bezisusela phansi ibhokisa, belikhulisa, hhayi indaba yokutheza kithina,” kusho isikhulu.