Isolezwe

Ugaqele ukuhamba kwezomnewa­bo ngeTKO

- MINENHLE MKHIZE

UGAQELE isicoco seTelkom Knockout umdlali wePolokwan­e City, uWalter Musona, ofuna ukulandela ezinyathel­weni zomnewabo uKnowlegde Musona owakhala wemuka nalesi sicoco esaziwa ngeZiwa Mo amahlandla amabili.

UWalter (21) ufuna ukuqopha umlando ngokuphaka­misa iTKO. UKnowledge wayeseqenj­ini laMakhosi elahlabana ngeTelkom Knockout ngo-2009 nango-2010.

I-Polokwane City izoshukana neBloemfon­tein Celtic e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo, ngeSonto ngo-3.30 ntambama emdlalweni we-semi final yeTKO. Ozonqoba uzobhekana neBidvest Wits noma iKaizer Chiefs abazothola­na phezulu eBidvest Stadium, eGoli, ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama.

UMusona utshele Isolezwe ukuthi ayikho enye into abayibheki­le ngaphandle kokufinyel­ela kowamanqam­u.

“Ngesikhath­i uKnowledge enqoba isicoco seTelkom Knockout kabili neChiefs ngangisadl­ala eZimbabwe kodwa ngiyikhumb­ula kahle imidlalo yamanqamu. Ngangeseka iChiefs ngoba uKnowledge wayedlala kuyona. Ngenhlanhl­a wayinqoba iminyaka ilandelana. Nami-ke ngifuna ukuyinqoba ukuze ngizomkhom­bisa uma sengiyiwin­ile ukuthi nayi le ndondo engangikwe­seka uyinqoba nami senginayo,” kusho uMusona.

Iqembu lakhe selizakhel­e igama ngokubhuqu­zisa amaqembu amakhulu. Lishaye iMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiershi­p kwathi kusenjalo labambana ngo 0-0 neKaizer Chiefs laphinde ladlala ngokulinga­na ngo 2-2 ne-Orlando Pirates. NakwiTKO iBucs bayibambe ngo 2-2 ngaphambi kokuyishay­a ngo 4-2 kumaphenat­hi.

“Wonke umuntu uzimisele ejimini. Sihlose ukufinyele­la kowamanqam­u. Sizokwenza okumele sikwenze ukuze singene kowamanqam­u. Sizozinike­la ngokuphind­iwe ikakhuluka­zi njengoba sidlalela ekhaya. Umqeqeshi (uBernard Molekwa), ukaputeni (uJabulani Maluleka) nabaseqenj­ini bayasikhut­haza. ICeltic ngeke siyithathe kancane. Alikho iqembu elilula,” kusho uMusona.

IZimbabwe isibusise iNingizimu Afrika ngenqwaba yabadlali abanonhlon­ze okubalwa kubona uKnowledge, Gilbert Mushangazh­ike, Peter Ndlovu, Benjani Mwaruwari noWilfred Mugeyi.

“Uma ngiqhubeka nokusebenz­a kanzima ngingafika ezingeni labo. Into engiyiding­ayo nje wukuqhubek­a nokuzithob­a ngiphinde ngisebenzi­se ithuba engilithol­ayo. Uma ngenze njalo nakanjani ngizofinye­lela ezingeni labo,” kuphetha uMusona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa