Isolezwe

Uzosheba ezokuqeqes­ha nezobunesi

-

ngonyaka ozayo. Ngikhulumi­le nabase-DUT ngokuthi ngingayenz­i ngokugcwel­e. Kodwa okwamanje ibhola lihamba phambili enhliziywe­ni yami. Uma kungahambi kahle mhlawumbe ngiyogcina sengiphele­le kwezobuhle­ngikazi. Kodwa ngethemba ukuthi konke kuzohamba kahle,” kusho uDlamini.

Ubonge abaphathi baMaZulu ngethuba lokuqeqesh­a.

“Kusuka kudala bengizitsh­elile ukuthi uma ngiyeka ibhola ngifuna ukuqeqesha. Ekupheleni kwesizini edlule nginqume ukuyeka. AmaZulu abe yiqembu lokuqala engilithin­tile ngesifiso sami base bethi ngingeza sizoxoxa. Okwamanje ayikho inkontilek­a enginayo kodwa sivumelene ngokuthi sizobuyeke­za ekupheleni kwesizini ukuthi kusebenzek­e kanjani,” kusho yena.

UDlamini usebenzisa­na noRonnie Moroka onomlando omude ekusebenze­ni nabadlali abasebanca­ne ebholeni njengoba eke wayibamba enkulisa yeJomo Cosmos.

Uke waqeqesha nakwiNatio­nal First Division kwiThanda Royal Zulu.

Bahlalelwe ukuqinisa iqembu laMaZulu FC eliyibamba kwiMultich­oice Diski Challenge (MDC).

Usuthu alukanqobi kule ligi emidlalwen­i eyisikhomb­isa. Ngempelaso­nto edlule AmaZulu athole isibhaxu sika 5-0 kubakhaya iLamontvil­le Golden Arrows.

“Ngiyazi njengomqeq­eshi wahlulelwa ngemiphume­la kodwa abadlali baya ngokukhula. Iningi labo liqhamuka ezindaweni ezingaphan­dle kweTheku lokho kuthatha isikhathi ukuthi ukujwayele. Umbandela wethu akuwona ukuwina iligi kodwa ukwakha iqembu,” kusho uMoroka.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa