Isolezwe

Badinga ama-visa abayomela izwe

- ZAKHELE XABA

BABHEKE ukuphakami­sa iNingizimu Afrika abashayi be-karate abaqokwe ukuyomela leli lizwe emqhudelwa­neni iKyokushin­kan World Union (KWU) ezoba seRussia ngenyanga ezayo.

UBongani Goge (25) waKwaDabek­a noFundiswa Chiliza (18) waKwaMashu bathwele amathemba oMzansi emqhudelwa­neni ozokuba ngoDisemba 9 no-10 okuzoqhuth­ana kuwona amazwe ahlonishwa­yo kwezomkhal­ambazo okukhona kuwona iJapan, USA, Russia, Poland, Italy, Brazil namanye.

UGoge noChiliza bashaye into ecokeme emqhudelwa­neni kazwelonke obusePitol­i emasontwen­i edlule. Sebehlale esicongwen­i kumkhalamb­azo waseMzansi iminyaka emithathu ilandelana.

“Ngijabule ngokuthola ithuba. Kade ngalilinde­la. Ngiyethemb­isa ukuthi sizilungis­elele kahle nasemqhude­lwaneni sizokwenza kahle. Ngifuna ukuyoncela ulwazi eRussia engizobuya ngizokhuli­sa ngalo intsha ethanda i-karate eNingizimu Afrika,” kusho uGoge.

UChiliza uthembise ukuthi ngeke aphume emzuliswan­eni wokuqala noma ngabe ubunzima bungakanan­i azobhekana nabo.

“Ngiziqeqes­ha kanzima. Kade ngangifisa ukumela iNingizimu Afrika. Ngeke ngisheshe ngiphume. Ngibuka imiqhudelw­ano yakudala ukuze ngibone izinga lamanye amazwe. Ngiyazazi nami ukuthi ngisezinge­ni eliphezulu,” kusho uChiliza. UGoge noChiliza batheleke emahhovisi eSolezwe behambisan­a nomqeqeshi wabo uSensei Zwe Shabalala. Bangaphans­i kweKZN Kyokushink­an Karate eholwa nguShihan Happy-Prince Gumede.

Nakuba uShabalala ekujabulel­a ukuthi bayomela leli kodwa babhekene nengwadla kwazise bashoda ngemali yokwenza ama-visa nokuthola umfaniswan­o weqembu lesizwe noma enemibala yeKwaZulu-Natal. Uthe bakhulumil­e nezinhlaka zezemidlal­o ezifanele esifundazw­eni nakuzwelon­ke kodwa akukho okuhlangan­ayo.

“Siyinhlang­ano sesiyizami­le imali yamathikit­hi kodwa sicela umphakathi ufake isandla ekutheni sikhokhele ama-visa bathole nemiphako abadlali. Sifisa nokugqoka imibala yesizwe noma eyesifunda­zwe ukuze kuzobonaka­la ukuthi siqhamuka kuphi,” kusho uSensei Shabalala.

 ?? Isithombe: LEON LEST LEON LESTRADE/ANA ?? BATHWELE amathemba eNingizimu Afrika abadlali bomkhalamb­azo uFundiswa Chiliza noBongani Goge abaphahle umlolongi wabo uSensei Zwe Shabalala abazoluban­gisa eRussia ngenyanga ezayo
Isithombe: LEON LEST LEON LESTRADE/ANA BATHWELE amathemba eNingizimu Afrika abadlali bomkhalamb­azo uFundiswa Chiliza noBongani Goge abaphahle umlolongi wabo uSensei Zwe Shabalala abazoluban­gisa eRussia ngenyanga ezayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa