Isolezwe

UMzimela usabisa ngokushiya kuma-amesha

- ZAKHELE XABA

USABISA ngokushiya ngenkani isigaba sama-amesha umshayisib­hakela waKwaZuluN­atal, uMduduzi “Sgora” Mzimela, okuthiwa uvinjelwa ngabaphath­i abasafuna ayomela iNingizimu Afrika emidlalwen­i yama-Olympic ezoba seTokyo ngo-2020.

Isolezwe lithole ukuthi abaphathi beKwaZulu-Natal Olympic Style (KZN) Boxing abafuni nakuyizwa indaba yokuthi uMzimela usefuna ukufudukel­a esigabeni esikhokhel­ayo ngoba uyithemba lesifundaz­we. Ungomunye wabashayis­ibhakela asebeqoqel­e iKZN izindondo zegolide ephindelel­a ikakhuluka­zi emiqhudelw­aneni yezifundaz­we, ama-Elite Championsh­ips.

UMzimela (21) owenza u-matric eMevamhlop­he High School, eMpangeni, uphinde wagila izimanga ebuya negolide emidlalwen­i ye-Open Boxing League ebikade ise-East London emasontwen­i edlule.

“Ngiya esigabeni esikhokhel­ayo ngonyaka ozayo, ngeke bangivimbe manje. Sengibaseb­enzele. Ngizibona ngingasayi­tholi inselelo kumaamesha nokwenza kube nzima ukubona amaphutha okufanele ngiwalungi­se. Ngaphandle kwalokho, thina sesivimba isikhala samabhokis­a asemancane okusafanel­e nawo adlalele isifundazw­e,” kusho uMzimela.

UMzimela ngomunye wabashayis­ibhakela abaqeqeshw­a nguThulani “3 Second” Nkwanyana, oseyinyang­a yodumo yaseMevamh­lophe ekhiqize u-Innocent “Tycoon” Mantengu ophethe ibhande le-IBF Continenta­l Africa noSiboniso “Tiger” Gonya ozobhekana noZolani Tete empini yebhande le-World Boxing Organisati­on (WBO) bantamweig­ht ngoMgqibel­o. Ngaphandle kukaMzimel­a kukhona abanye abashayisi­bhakela okuthiwa bayenqatsh­elwa ukunyukela esigabeni esikhokhel­ayo okukhona kubo uNomusa Ngema waKwaMashu noBathabil­e Ziqubu waseMnambi­thi asebethwal­e iKZN iminyaka eminingi. Kubashayis­ibhakela asebewelel­e “emalini” kukhona uSphelele Myeza waKwaMashu nabanye.

“U-3 Second uthe uzokhuluma nabo ukuze bangidedel­e. Inkinga iqale ngokuthi bezwe (abaphathi) ukuthi sengisesig­abeni esikhokhel­ayo okungelona iqiniso. Sebehlala bengitshel­a ukuthi sebeyakwaz­i lokho. Uma ngihluleka ngizoqonda umengameli (uSandile Sibisi), ngimyele ekhaya ngiyokhulu­ma naye. Uma konke lokho kungaseben­zi ngizovuma ukulwa ezimpini ezizoba ngoDisemba, emuva kwalokho ngicele umbhobho ngimemezel­e ukuthi sengiyayek­a,” kusho uMzimela.

Umdonsiswa­yo ngabashayi­sibhakela yinto eneminyaka ikhona eKZN. Abesigaba sama-amesha abayizwa eyokudedel­a amabhokisa abo ukuthi anyukele esigabeni esikhokhel­ayo.

Isikhulu se-Olympic Style esikhulume neSolezwe silibeke ngembaba elokuthi uMzimela uzolinda ama-Olympic.

“Sifuna ukuya ngaye kuma-Olympic, ngeke ahambe okwamanje. Thina sifuna ukubona laba bantu besibhakel­a esikhokhel­ayo bezisusela phansi ibhokisa, belikhulis­a, hhayi indaba yokutheza kithina,” kusho isikhulu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMDUDUZI Mzimela ophahlwe ngabanye babaqeqesh­i be-Olympic Style Boxing osefuna ukushiya kulesi sigaba ngoba usefuna enye inselelo esigabeni esikhokhel­ayo
Isithombe: SITHUNYELW­E UMDUDUZI Mzimela ophahlwe ngabanye babaqeqesh­i be-Olympic Style Boxing osefuna ukushiya kulesi sigaba ngoba usefuna enye inselelo esigabeni esikhokhel­ayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa