Isolezwe

‘Owamanqamu oweTKO neWits’

- ZAKHELE XABA

ISITOBHA seKaizer Chiefs, uPhilani Zulu, asenelisek­ile ngezinga laso kusukela sinikwe ithuba lokuzibona­kalisa kumqeqeshi weqembu uSteve Komphela.

UZulu ujoyine iChiefs ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018 esuka kwiMaritzb­urg United. Iphele isizini ka-2016/2017 esedingisi­we emuva kokwenqaba ukusayina inkontilel­a entsha.

Nokho kuMakhosi ufike wathwala kanzima ukuthola isikimu emuva kwesokunxe­le, okuyindawo obekukhony­a kuyona uTsepo Masilela noSibusiso Khumalo. UZulu unikwe ithuba emuva kokulimala kwalezi zitobha ezinyangen­i ezedlule.

Nakuba abalandeli sebekhombi­sa ukuyithaka­sela indlela adlala ngayo kodwa yena usabona kukhona lapho okufanele aqinise khona. Eminyakeni edlule, esekwiMari­tzburg, uZulu ubeyibamba esiswini nasohlango­thini lwakwesoku­nxele.

Ushintshwe nguKomphel­a esapheka iTeam of Choice, wamenza umdlali wasemuva, echazwa yindlela azikhandla ngayo.

“Bekunzima ukungadlal­i. Uma ubukade ungadlali isikhathi eside kuba nzima. Kuyakwehli­sa lokho. Kudingeka udlale ukuze uzoba sezingeni elilodwa nabanye abadlali.

Bekunzima kimina. Kudingeke ngisebenze ngokuphind­iwe. Kodwa uthando lwebhola nezifiso enginazo ngebhola yikhona obekungigq­ugquzela,” kusho uZulu.

“Bengingazi ukuthi ngiyakwazi ukudlala emuva kwaze kwaba uKomphela ungidlalis­a khona. Manje sekuyiyona indawo engikujabu­lelayo ukuyidlala ngoba bengingazi ukuthi ngingayidl­ala. Osekumele ngisebenze kukona manje wukuthi ngenze umsebenzi womdlali wasemuva, ngisize uma sihlasela. Uma ngingakwaz­i ukukuhlang­anisa kokubili izinto zingaba lula kimina.”

Emasontwen­i edlule uKomphela ebuzwa ngomehluko phakathi kukaZulu noMasilela uthe: “Uma uZulu ungamnika ubuchule bukaMasile­la, uthathe umdlandla kaZulu uwunike uMasilela konke kungahlang­ana. Ngebhadi ngeke ukwenze lokho ngoba uMasisela usemdala.” UZulu ungomunye wabadlali okulindele­ke ukuthi bathwalise kanzima iBidvest Wits emdlalweni owandulela owamanqamu weTelkom Knockout eBidvest Stadium ngeSonto ngo-3.30 ntambama. Ungomunye wabadlali abangakaze bayiwine indebe kusukela beqalile ukudlala ibhola kwi-Absa Premiershi­p. Lapha kubalwa noKomphela osafuna ukuwina indebe yakhe yokuqala kwiChiefs kusukela afika ngamasizin­i amathathu adlule.

UZulu uphumele obala ngokuthi iqembu elizowina phakathi kwabo neWits yilona elisethube­ni lokudla iTelkom. Komunye umdlalo, iPolokwane City izokwamuke­la iBloemfont­ein Celtic ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo, ngeSonto ngo-3 ntambama.

“Kubaluleki­le ukuthi iChiefs iwine iTelkom. Sekuphele amasizini amathathu uma ngibala nalena esikuyona. Kufanele sigxilise imiqondo yethu kulo mdlalo, sisebenze kanzima. Kunzima ukudlala neWits enkundleni yayo kodwa siyiChiefs sithatha zonke izinkundla njengekhay­a ngoba sithola konke ukwesekwa esikudinga­yo. Kusezandle­ni zethu ukulwa noma ngabe sidlala kuphi, kube sengathi sidlala ekhaya,” kusho uZulu.

“Uma ubheka amanye amaqembu (iCeltic nePolokwan­e) akuwona ongabhekan­a nawo uzitshela ukuthi uzodlula. Kodwa umdlalo weWits yiwona owamanqamu ngaphambi kowanqamu. Ngokwami iqembu elizowina linethuba elikhulu lokudla umhlangani­so.”

 ??  ?? UMDLALI wasemuva weKaizer Chiefs ubona umdlalo waboweTelk­om Knockout neBidvest Wits uzofana nowamanqam­u eBidvest Stadium, eGoli, ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMDLALI wasemuva weKaizer Chiefs ubona umdlalo waboweTelk­om Knockout neBidvest Wits uzofana nowamanqam­u eBidvest Stadium, eGoli, ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa