Isolezwe

Ukhuza ibuya ekulingise­ni uPam

- NOKUBONGWA PHENYANE

IKHUZA ibuya ekulingise­ni intokazi ebisithath­e ikhefu iminyaka emihlanu kulo mkhaka uPam Andrews.

UPam owaqala ukuzakhela udumo elingisa emdlalweni iBackstage nasohlelwe­ni olubizwa ngeCoca Cola Popstars ngo-2001 uzobuyela emdlalweni iRhythm City, aphuma kuyo elingisa indawo kaGail October.

Kulo mdlalo okhonjiswa ngoMsombuk­ulo kuya kuLwesihla­nu ngo-7.00, ebusuku uzoqala ukubonakal­a kuwo ngoNovemba 23.

Ekhuluma ngokubuyel­a kwakhe kwiRhythm City uPam uthe, ubesekulin­de ngabomvu ukuqala ukulingisa futhi njengoba ubesematas­a ngezinye izinto ezithinta impilo yakhe. “Ngesikhath­i ngithatha ikhefu ekulingise­ni ngazitshel­a ukuthi uma sengibuya futhi awukho umdlalo engizobona­kala kuwo ngaphandle kweRhythm City,” kuchaza uPam. Uthe umlingisi uGail uzobuya esengumunt­u onesibindi ongavumeli noma yini edicilela phansi isithunzi sakhe.

“Kulo mdlalo uGail ubuya ngenjongo yokuthi uzoqala impilo entsha yize abantu sebemazi ngenye indlela njengoba aphuma isimo sishubile phakathi kwakhe noDavid, konke abantu ababemazi ngakho usekuyekil­e. Kodwa futhi ufuna ukwakha ubudlelwan­e obuqinile noDavid ukuze amthembe futhi,” kuchaza uPam.

“Usanguye owesifazan­e osebenza kanzima futhi ophokophel­e empumelelw­eni kodwa usenakho ukubukela abantu phansi futhi uyatshelan­a amaqiniso yize enenhliziy­o enhle,” kuchaza uPam.

UPam ngemuva kokushiya lo mdlalo uke wayohlala phesheya kwezilwand­le kungacaci ukuthi wenzani khona.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? NGEMUVA kweminyaka emihlanu eshiye kwiRhythm City, uPam Andrews olingisa indawo kaGail kulo mdlalo ukhuza ibuya njengoba ezoqala ukubonakal­a kuwo ngesonto elizayo
Isithombe: SITHUNYELW­E NGEMUVA kweminyaka emihlanu eshiye kwiRhythm City, uPam Andrews olingisa indawo kaGail kulo mdlalo ukhuza ibuya njengoba ezoqala ukubonakal­a kuwo ngesonto elizayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa