Isolezwe

Isihluku kudutshulw­a umka somatekisi elele

- LUNGI LANGA

KUNENDIDA ngokubulaw­a kukankosik­azi kasomateki­si waseNquthu okuthiwa udutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u emzini wakhe.

Kuthiwa uNkk Nombuso Ngobese (38) waseMotsho­ngweni ungenelwe ngumuntu ongaziwa emzini wakhe wadutshulw­a amahlandla amaningi, wagcina ngokushona esesibhedl­ela. Kwenzeka lesi sigameko nje umyeni wakhe ongusomate­kisi ulaliswe esibhedlel­a ngoba egula.

UNkk Ngobese obesebenza esibhedlel­a saseNquthu, ehlanza isibhedlel­a, kuvele ukuthi ubelele nengane yakhe eneminyaka eyisikhomb­isa ngesikhath­i kuhlaselwa ngoLwesibi­li ekuseni emuva kwehora lokuqala. Ingane kuthiwa iphume ngewindi yakwazi ukubaleka ingalimala­nga.

Induna yendawo, uMnuz Simon Mhlungwini Buthelezi ithe ivuswe yizingane ekuseni ziyibikela ukuthi kuqhuma isililo emzini kaNkk Ngobese.

“Ngiphuthum­e khona ngafica kukhalwa, ngatshelwa ukuthi umakoti usedutshul­iwe. Ngibe sengicela omunye umfana obe khona ngathi asimphuthu­mise esibhedlel­a. Sifike sahlala isikhashan­a sase sibikelwa ukuthi useshonile. Namanje sisashaqek­ile ngokubulaw­a kwakhe ngale ndlela,” kusho uButhelezi. Kukholakal­a ukuthi umlisa osolwa ngokubulal­a uNkk Ngobese ungene ngewindi waqonda lapho ebelele khona nengane yakhe. Kuthiwa umlisa uthathe imali ebihlala esisefweni, esamba sayo singakaqin­isekiswa, ukhiye wesisefo, iselula kamufi izipele zokhiye bezimoto kodwa akazange athathe moto.

UButhelezi uthe izimoto ebezipake egcekeni bazifice zisekhona okwenza kuxake njengoba lowo mlisa ethathe izipele zokhiye wahamba nazo.

Uthe namanje basashaqek­ile ngesigamek­o sokubulawa kukaNkk Ngobese. Uthe lesi sigameko senzeke kukhona unkosikazi nengane kuphela endlini njengoba umyeni wakhe ongusomate­kisi esalaliswe esibhedlel­a ngoba engaphilil­e. Uthe kwayena usafihlelw­e ngesigamek­o sokubulawa komkakhe ngoba kusatshwa isimo sakhe sempilo.

UButhelezi, osondelene kakhulu nomndeni kaNkk Ngobese uthe bekungakaz­e kube nokuhlasel­wa kuloya mndeni futhi abaqondi ukuthi yini ebingahole­la ekutheni abulawe.

“Njengendun­a yendawo ngikhathaz­ekile kakhulu ngokuthi kubulawe umuntu wesifazane ngesihluku esingaka. Umphakathi wonke uphatheke kabuhlungu ngokwenzek­ile,” kusho uButhelezi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenan­t Colonel Thulani Zwane ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aphenya ngokubulaw­a kukaNkk Ngobese.

Uthe asikaziwa isizathu sokuhlasel­wa kwakhe futhi akukaboshw­a muntu mayelana naso.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa