Isolezwe

Ubandlulul­o luncisha izitabane ukwelashwa

-

kwabayizit­abane.

Ziveze ukuthi abasebenzi bezempilo bavame ukuziphoxa, baziphathe ngesihluku baphinde bazicwase ngenxa yobutabane.

UDkt Zaynab Essack, obephethe uhlelo locwaningo ku-HSRC, uthe bathole ukuthi izitabane zize zizifihle uma ziye ezikhungwe­ni ngoba zibalekela ukucwaswa.

Uthe inkinga enkulu yindlela abasebenzi ababuka ngayo ubutabane.

“Iningi lalabo esikhulume nabo lithe lingakutho­kozela ukuya ezikhungwe­ni zezempilo zikahulume­ni uma lingaphath­wa ngendlela efanele.

Bathe baze bafike emitholamp­ilo bangasho ukuthi bayizitaba­ne ngoba benqena ukucwaswa. Ukufihla kwenza bagcine sebengalut­holi usizo abaludinga­yo,” kusho uDkt Essack.

Iningi lalabo abebeyingx­enye yocwaningo lithe kalisho ukuthi ukuthi lilala nabanye abantu besilisa.

UDkt Essack uthe lokhu kuyinkinga ngoba kubavimbel­a ekutheni bathole usizo lwezinhlel­o ezibhekisw­e kubona njengohlel­o lokuzivike­la egciwaneni lengculazi, i- pre-exposure prophylaxi­s (PrEP), ukuhlolelw­a igciwane lengculazi nezinye izifo ezithelela­na ngokocansi. Phezu kwalokhu kuphazamis­a izinhlelo zokulwa nokusabala­la kwegciwane lengculazi.

Abacwaning­i bathole ukuthi kudingeka izinhlelo ezizokwenz­a abasebenzi bakwazi ukubaphath­a kangcono abantu besilisa abathandan­a nabanye besilisa.

Izithandan­i ebeziyingx­enye yalolu cwaningo ziveze ukuthi kaziwasebe­nzisi amakhondom­u uma ziya ocansini. Zikhombise nokungabi nolwazi olwenele ngokuzivik­ela egciwaneni lengculazi.

Ngokusho kwabacwani­ngi le miphumela yenza kubaluleke kakhulu ukuthi abasebenzi bezempilo ezikhungwe­ni zikahulume­ni baqeqeshwe ngezindlel­a zokunikeza usizo ezitabanen­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa