Isolezwe

Bavale imigwaqo befuna imeya

- PHILI MJOLI

KUSUKE esinamatha­mbo abahlala emijondolo kuForeman, eSydneyham, izolo bevala imigwaqo bedinwe wukuthi imeya yeTheku ebibathemb­ise ukuthi izofika kubona ingalubhad­anga.

Lo mphakathi obudinwe ugane unwabu uthe ubulindele ukuthi imeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede ifike izokhuluma nabo, iphinde abanike izinto zokwakha kabusha imijondolo yabo njengoba beyithembi­sile.

Imijondolo yakule ndawo ebalelwa ku-1000 icekelwe phansi wumlilo ngeSonto, kwashona uMnuz Eric Mpanza, unina wengane yakhe uMbali Xulu nengane yabo uSisipho (2).

UMnuz Mqapheli Bonono unobhala wabaHlali baseMjondo­lo, KwaZuluNat­al, uthe bebenethem­ba lokuthi uNkk Gumede uzofika njengoba ebebathemb­isile.

“Sasitshelw­e ukuthi asime ukuvusa imijondolo ngoba imeya izofika namhlanje ngo1 (esho izolo) izokhuluma nathi. Ngaphandle kokukhulum­a nathi bekuthiwe kuzolethwa nezimpahla zokwakha kodwa azifikanga. Uma sifona kuthiwa imeya ibambekile emhlanganw­eni, esinye isithunywa sawo umasipala sithe imeya ayikho eThekwini futhi ayikaze ithembise ukuthi izoza kithi. Asisazi ukuthi sithembe bani,” kusho Bonono.

Uqhube wathi umphakathi awusalawul­eki naye akazi ukuthi imigwaqo izovalwa kuze kube nini, kodwa uzwe kuthiwa uzoyivala kuze kube kufika uNgqongqos­he wezokuHlal­iswa KwaZuluNat­al uMnuz Ravi Pillay.

UMnuz Mthunzi Gumede okhulumela imeya yeTheku ukuqinisek­isile ukuthi imeya beyithembi­sile ukuthi izoya kuleya ndawo kodwa yavinjwa eminye imihlangan­o. Yabuye yaya kolunye uhlelo lwezindlu, eWaterloo.

“Imeya ixolisile ngokungaph­umeleli kwayo emhlanganw­eni womphakath­i, yathumela umuntu ozoyimela. Siyacela ukuthi umphakathi ubekezele, lolu daba luyasetshe­nzwa sisacubung­ula ukuthi lungalungi­swa kanjani. Okwamanje sisabheka ukuthi umhlaba le mijondolo eyakhiwe kuyo okabani. Njengoba singakazi ngeke sikwazi ukwakhela abantu kuwo kodwa zikhona ezinye izinhlelo esinazo. Uhlelo lokufakwa kukagesi emijondolo seluqaliwe nakuForema­n luzofika,” kusho uGumede (Mthunzi).

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uCol Thulani Zwane uthe amaphoyisa akhona kuleya ndawo, asiqaphile isimo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa