Isolezwe

Ahoxisiwe amacala eFacebook koweDA

- MLUNGISI GUMEDE

I-DA KwaZulu-Natal isamukele isinqumo sokuhoxisw­a kwecala ebelibekwe omunye wabaholi bayo uNksz Mbali Ntuli, owaseka umbhalo kuFacebook owawusola uNdunankul­u waseWester­n Cape uNkk Hellen Zille, ngokuthi uyacwasa.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uNksz Ntuli oyilungu lesiShayam­thetho uthe ujabule kakhulu ngokuhoxis­wa kwecala wengeza ngokuthi lokho kuzomenza akwazi ukunaka umsebenzi wakhe.

“Ngiyajabul­a futhi ngiyabonga ukuthi isigungu esiqondisa ubugwegwe eqenjini sithathe lesi sinqumo ngoba nami kade ngasho ukuthi ayikho into engimangal­elelwe yona,” kusho uNksz Ntuli.

Uthe umbiko wokuqala owaphuma ngemuva kophenyo wathi akanalo icala kodwa uNgqongqos­he wezokuHlal­iswa kwaBantu eWestern Cape, uMnuz Bongani Madikizela, wathi akuqhutshe­kwe necala.

Umholi we-DA esifundazw­eni, uMnuz Zwakele Mncwango, izolo uthe bayasamuke­la isinqumo sokuhoxisw­a kwecala likaNksz Ntuli.

“Lesi sinqumo siyakhombi­sa ukuthi iqembu lizimisele ngokunaka kakhulu indaba yokhetho luka-2019. Inhloso yethu enkulu wukuvikela izwe enkohlakal­weni ekhona,” kusho uMncwango.

Uthe ucabanga ukuthi isigungu sibheke kakhulu ukubalulek­a komsebenzi obhekene neqembu sabona ukuthi indaba yamacala angaphakat­hi awalisizi iqembu.

“Siyasijabu­lisa lesi sinqumo ngoba uNksz Ntuli ungomunye wabaholi abasebenza ngokuzikha­ndla esifundazw­eni manje usezokwazi naye ukukhankas­ela iqembu ngokukhulu­leka anganaki indaba yokuthi unecala elingakaph­othulwa,” kusho uMncwango.

USihlalo wekomiti elibhekele ezomthetho kwi-DA, u-Advocate Glynnis Breytenbac­h, uthe amacala abebekwe uNksz Ntuli ahoxisiwe kuze kube kuqhamuka ubufakazi obusha.

UMadikizel­a ngoMeyi nonyaka ubeke uNksz Ntuli icala ethi weseke umbhalo othi uNkk Zile uyacwasa. Baningi abaholi be-DA asebengene obishini ngokuseben­zisa budedengu izinkundla zokuxhuman­a, okuholele ekutheni iqembu libeke imigomo eqinile.

UNkk Zille naye useke waba senkingeni ngemuva kwemibhalo eminingi ayenzile kubalwa nothi kukhona okuhle okwenziwa uhulumeni wobandlulu­lo.

Obeyilungu leqembu esifundazw­eni, owahoxisel­wa ubulungu, uNkk Penny Sparrow wangena obishini ngokufanis­a abantu abamnyama nezinkawu.

Ngo-2015, ilungu lePhalamen­de le-DA, uNkk Diane Kohler Barnard, lazithola lisenkinge­ni ngemuva kokuncoma ubuholi bukaMnuz PW Botha ongumunye womengamel­i bobandlulu­lo kuleli.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, okuthiwa kufanele kuxoshwe yena kunokuthi kukhonwje indlela inhloko yoMnyango uDkt Sifiso Mtshali osanda kumiswa
Isithombe: GCINA NDWALANE UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, okuthiwa kufanele kuxoshwe yena kunokuthi kukhonwje indlela inhloko yoMnyango uDkt Sifiso Mtshali osanda kumiswa
 ?? Isithombe:INQOLOBANE YESOLEZWE ?? ILUNGU le-DA esiShayamt­hetho KwaZulu-Natal uNksz Mbali Ntuli okuhoxiswe icala lokweseka umbhalo owawuthi uNdunankul­u waseWester­n Cape uNkk Helle Zille uyacwasa
Isithombe:INQOLOBANE YESOLEZWE ILUNGU le-DA esiShayamt­hetho KwaZulu-Natal uNksz Mbali Ntuli okuhoxiswe icala lokweseka umbhalo owawuthi uNdunankul­u waseWester­n Cape uNkk Helle Zille uyacwasa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa