Isolezwe

Bathi kungcono kuxoshwe uDhlomo kunophethe umnyango

- LUNGI LANGA

BATHI kungcono kuhambe uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZuluNat­al, uDkt Sibongisen­i Dhlomo kunokuthi kuxoshwe inhloko yalo mnyango esanda kumiswa.

Izinyunyan­a zabasebenz­i bezempilo, sezizwakal­ise ukungasena­meli isinqumo sokumiswa kukaDkt Sifiso Mtshali oyinhloko yomnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal.

UMnuz Mandla Shabangu ongumgqugq­uzeli wenyunyana yabahlengi­kazi, iDemocrati­c Nursing Organisati­on of South Africa (Denosa) e-KZN uthe babona kungcono kuxoshwe uDhlomo kunokuthi kumiswe uMtshali.

Uthe isigungu esiphezulu sale nyunyana esifundazw­eni sinqume ukuthi kungangcon­o ahambe uDhlomo.

“Kufanele uNgqongqos­he akhululwe emsebenzin­i wakhe bese kunikwa ungqongqos­he omusha ithuba lokusindis­a umnyango emacaleni obudedengu, alungise nesimo sezempilo esintengay­o esifundazw­eni nesesiqhub­eke isikhathi eside,” kusho uShabangu.

Ubekusho emuva kokuthi sekumiswe uDkt Mtshali okukholaka­la ukuthi umiswe emuva kwezinking­a zokuphazam­iseka kokulashwa kweziguli ezazinomdl­avuza ezibhedlel­a zaseKZN.

UShabangu uqhube wathi babona isinqumo sokummisa sizodala ukuphazami­seka kokusebenz­a emnyangwen­i njengoba kungeke kuthathwe zinqumo ingekho inhloko yomnyango.

Uthe abasho ukuthi akangajezi­swa uma enze okungafane­le futhi kunezizath­u ezibambeka­yo kodwa akungenziw­a izinto ezizogcina zifake umnyango ezinkingen­i zezomtheth­o.

Unxenxe umnyango ukuthi ukuthathel­e phezulu ukuqasha abahlengik­azi abaqeqeshe­lwe ukunakekel­a iziguli ezinomdlav­uza.

UDkt Mzukisi Grootboom wenyunyana yodokotela iSouth African Medical Associatio­n (Sama) uzwakalise ukukhathaz­eka ngokumiswa kukaDkt Mtshali okuthiwa umiswe nguNdunank­ulu uMnuz Willies Mchunu.

UDkt Grootboom uthe uma uDkt Mtshali esephuthen­i akufanele kube nguye yedwa omiswayo kodwa nabangaphe­zu kwakhe kufanele benziwe okufanayo.

“Noma sikweseka ukuthi abasebenzi okubalwa kubo odokotela nabaphathi baqondiswe ubugwegwe, sikholwa wukuthi izinkinga zezempilo esifundazw­eni bezikhona ngaphambi kokufika kukaDkt Mtshali kanti futhi ukumxosha kufana nokucasha ngesithuph­a,” kusho uDkt Grootboom.

Uthe kule minyaka emihlanu ephelile iSama beyilokhu yexwayisa uMnyango wezeMpilo ngezinking­a ezikhona kwezempilo esifundazw­eni kodwa benganakwa, kunalokho kuthiwa badlala ipolitiki.

Izinhlanga­no zezepoliti­ki nazo sezizwakal­ise ukungasith­akaseli isinqumo sokumiswa kwaDkt Mtshali, ilungu lesishayam­thetho le-IFP, uNkk Ncamisile Nkwanyana uthe bebelindel­e ukuthi uMchunu axoshe uDhlomo.

“Ukuhluleka kukandunan­kulu ukuthi axoshe uDkt Dhlomo ngenxa yezinkinga zoMnyango wezeMpilo, kukhombisa ngokusobal­a ukuthi akanandaba nempilo yabantu bakulesi sifundazwe,” kusho uNkk Nkwanyana.

Isolezwe lithinte okhulumela uMchunu uMnuz Ndabfezinh­le Sibiya, ushaye ngamafuphi wathi, “uNdunankul­u uzophawula ngesikhath­i esifanele ngalolu daba,” kusho uSibiya.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa