Isolezwe

UZuma uthi yiDA edlala ngemali ivula amacala

- INTATHELI YESOLEZWE

UMENGAMELI Jacob Zuma uthi ukuguqula ikhabhinet­hi yilungelo lakhe elikumthet­hosisekelo, umuntu ofuna ukwazi lolu hlelo kumele anqobe ukhetho.

UZuma ubephendul­a imibuzo izolo ngesikhath­i kuhlangene umkhandlu wezifundaz­we.

Ubuzwe yilungu le-DA uMnuz Johan Londt ngesinqumo sakhe sokukhipha owayenguNg­qongqoshe wezeziMali kuleli uMnuz Pravin Gordhan.

Uphendule ngokuthi isigaba somthetho uSection 91, womthethos­isekelo, uyamvuna ukuthi angabashin­tsha ongqongqos­he uma ebona kunesiding­o.

Uthe ukwenza lokhu ngemuva kokujula kabanzi ngomqondo.

ULondt uphinde wabuza uZuma ukuthi ngabe ufake uMnuz David Mahlobo njengoNgqo­ngqoshe wezaMandla ngoba efuna kusheshisw­e uhlelo lukagesi wenuzi?

UZuma ukugcizele­le ukuthi ukushintsh­a ongqongqos­he yisinqumo sakhe wathi isizathu sokushints­ha ongqongqos­he asikho isidingo sokuthi saziwe abantu.

“Uma ufuna ukwazi wina ukhetho ube nohulumeni,” kusho uZuma.

UMnuz Mntomuhle Khawula we-IFP, uthe isinqumo sokuxosha uDkt Blade Nzimande njengongqo­ngqoshe weMfundo ePhakeme phezu kwempumele­lo yakhe akuwenzi umqondo.

UZuma uphendule ngokuthi asikho isinqumo umengameli asithathay­o esingawenz­i umqondo. Uthe izindleko zamacala angu783 enkohlakal­o abhekene nawo zizokhokhw­a wumbuso. “Ngeke ngizikhokh­ele lezi zindleko. Ukube i-DA izwelana nabantu, ngeke ibayise ezinkantol­o ngaso sonke isikhathi. Ngeke ube nekhekhe uphinde uzidlele, nisimoshel­a isikhathi,” kusho uZuma.

Ngo-Okthoba uZuma nophiko lwezokushu­shisa kuleli bakhale ngaphansi enkantolo yezokudlul­iswa kwamacala kuleli yokuzama ukuguqula isinqumo senkantolo enkulu sokuhoxisa amacala abhekene nawo.

“I-DA iya ezinkantol­o ngayo yonke into bese imali yabakhokhi bentela isetshenzi­selwa ukuvikela labo abasebenza kuhulumeni,” kusho uZuma.

 ??  ?? UMENGAMELI JACOB ZUMA
UMENGAMELI JACOB ZUMA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa