Kubunjwe ikomiti elizoqinisekisa ukuthi imali ifeza zonke izidingo
SEKUBUNJWE ikomiti elizoqinisekisa ukuthi isabelomali saseNingizimu Afrika sanela zonke izidingo zezwe.
Ikomiti iProvincial Fiscal Committee (PFC) lisungulwe ngoSepthemba emuva kokuthi uMengameli Jacob Zuma ebone kunesidingo sokuthi imali ifeze zonke izidingo.
Esitatimendeni esithunyelelwe Isolezwe ngaboMnyango weziMali, lithe iPFC isebenzisana noMnyango weziMali ukuze kwakhiwe amasu okuqinisekisa ukuthi isabelomali sifeza izidingongqangi zezwe.
Isitatimende siqhuba sithi iPFC inikezwe umsebenzi wokuthi ibheke iziphakamiso ezenziwa nguMnyango weziMali zokuqinisekisa ukuthi imali kahulumeni ilondolozwa isikhathi eside ukuze ifeze izidingo.
IPFC izophinde yenze izincomo zokuthi imali kumele isetshenziselwe ziphi izidingo.
UNgqongqoshe weziMali, uMnuz Malusi Gigaba, nguye ozohola iPFC kanti izobika ngomsebenzi wayo kwiKhabhinethi.
IPFC kulindeleke ukuthi ize nesixazululo sokusetshenziswa kwemali esimeni somnotho esibi nokuthi izikweletu zikahulumeni zizoncishiswa kanjani.
UNgqogqoshe wezokuXhumana, uNkk Mmamoloko Kubayi-Ngubane, uthe iPFC ngeke iphazamise ukusebenza koMnyango weziMali kodwa izoqinisekisa ukuthi zonke izinhlaka zikahulumeni zinezwi kwisabelomali.
“Abantu baseNingizimu Afrika bathola izidingo kuhulumeni ukuze baphile kahle. Kubalulekile ukuthi kube nekomiti elibhekelele ukusebenza kwemali nokufezeka kwezidingo zikahulumeni. Uhulumeni uzibophezele ekuvuseleleni umnotho waseNingizimu Afrika nokuqinisekisa ukuthi abatshali bemali bayatheleka,” kusho uNkk KubayiNgubane.
Uthe indlela uhulumeni asebenzisa ngayo imali isihlelwe kabusha ukuze itshalwe ezindaweni ezifanele nokuthi isimo sibuyele kwesejwayelekile ezinkampanini zikahulumeni.
“Uhulumeni usebenzisana nezinhlaka ezehlukene ukuqinisekisa ukuthi umnotho uvuleleke kuwo wonke umuntu. Sinezinhlelo zokuthuthukisa ingqalasizinda, imithetho yokutshalwa kwemali nemithetho yezabasebenzi neyokuthuthukisa umnotho,” kusho uNkk Kubayi-Ngubane.
Uphethe ngokuthi uhulumeni uzimisele ngokwenza isiqiniseko sokuthi imali isebenza ngendlela, wehlisa isikweletu sakhe angenise nenye imali kwisabelomali sezwe.