Isolezwe

Abegatsha likaDlamin­i Zuma bayaphikel­ela

- MLUNGISI GUMEDE

UBUHOLI begatsha likaDkt Nkosazana Dlamini Zuma u-ward 32, eThekwini buthi buyaqhubek­a nokuba nomhlangan­o ngeSonto yize buhlakazwe yisigungu se-ANC esifundazw­eni.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uNobhala waleli gatsha uMnuz Siya Njokweni, uthe sebebhalel­e ubuholi besifundaz­we nobukazwel­onke bebazisa ukuthi umhlangano bazona nawo ngeSonto.

“Akusekho ukujikela emuva umhlangano uzoba khona nohlu lwamagama abantu abazovota lukhona, lukimina njengonobh­ala wegatsha,” kusho uNjokweni.

Uthe yize behlakaziw­e kodwa bayasidlul­isa isinqumo, basalinde impendulo ezobanika igunya lokuthi baqhubeke nomsebenzi.

“Nobuholi besifundaz­we inkantolo yathi abuhlakazw­e, basidlulis­a isinqumo okwenza bukwazi ukuqhubeka nomsebenzi, yinto efanayo nakithina,” kusho uNjokweni.

Uthe bazokhetha iPhini likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa esikhundle­ni sikamengam­eli emhlanganw­eni wabo.

“EMangaung sakhetha uRamaphosa ukuba iphini likamengam­eli. Njengoba siya engqungqut­heleni kaDisemba sizokhetha yena esikhundle­ni sikamengam­eli ngoba besingakat­shelwa lutho ukuthi akakulunge­le ukuthi angahola iqembu kodwa umlando wakhe kwezombusa­zwe ukhomba ukuthi unawo amava okuthi angahola inhlangano,” kusho uNjokweni.

Uthe uDkt Dlamini Zuma ubengakaze eze kubona beyigatsha abatshele ukuthi uzongenela isikhundla sikamengam­eli.

“UDlamini Zuma usegatshen­i lethu impela, ubulungu bakhe ubuvuselel­a kimina kodwa ubengakaze axoxe nathi. Simbona kumathelev­ishini nasemaphep­heni ethi naye usigaqele isikhundla. Kumele ngikucacis­e ukuthi asinanking­a naye futhi siyamhloni­pha kodwa thina seseka uRamaphosa,” kusho uNjokweni.

UNjokweni uthe bebevele bazi ukuthi sizokwelul­wa isikhathi semihlanga­no yamagatsha.

UNobhala-jikelele we-ANC uMnuz Gwede Mantashe, umemezele ukuthi bayaselula isikhathi sokuhlalis­a imihlangan­o yamagatsha.

Uthe usuku lokugcina manje lwemihlang­ano sekuzoba yiSonto.

“Ubuholi be-ANC esifundeni iTheku bucindezel­a igatsha lethu ngoba nakhu kwaziwa ukuthi seseka uRamaphosa,” kusho uNjokweni.

Engxoxweni nesiteshi sethelevis­hini i-eNCA izolo ekuseni, uNobhala we-ANC esifundeni iTheku uMnuz Bheki Ntuli, uthe akusilo iqiniso ukuthi bahlakaza ubuholi be-ward 32, ngoba buseka uRamaphosa.

“Leli gatsha belikhunge­thwe yizinkinga kungaseben­zeki, sabe sesithatha isinqumo sokuthi singenele ngokuhlaka­za ubuholi bakhona,” kusho uNtuli.

UNjokweni uthe bayazi ukuthi uMantashe usewubuyis­ile umbiko ebuholini besifundaz­we othi ikhansela laku-ward 32, kumele lihoxiswe esikhundle­ni ngoba lakhethwa ngendlela engafanele.

UNobhala we-ANC esifundazw­eni uMnuz Super Zuma wathi bayawazi umbiko kaMantashe sekusele ukuthi bathathe izinyathel­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa