Isolezwe

Izingwevu ze-ANC zikhuza eyokuhluka­na engqungqut­heleni

- MHLENGI SHANGASE

OMAKADEBON­A be-ANC KwaZulu-Natal bathi akumele le nhlangano ilahlekelw­e wukwesekwa okhethweni lwango-2019 ngenxa yengqungqu­thela yangenyang­a ezayo yokukhetha ubuholi obusha.

I-ANC ithi akumele engqungqut­heleni kugqame indaba yokuhlukan­a kwabaholi kodwa kumele ibe nobumbano.

USihlalo kaKhongolo­se uMnuz Themba Mavundla uthe uyazi ukuthi ingqungqut­hela izoba nokuthula.

“Akumele siphume engqungqut­heleni bese silahlekel­wa wukwesekwa ngo-2019. Wonke amalungu e-ANC awazimele siqu sawo,” kusho uMavundla esithangam­ini sabezindab­a izolo.

Le nhlangano isinqume ukuthi izobhikish­a emgwaqweni onguthelaw­ayeka uN3 ngelizayo ikhala ngokuhluku­nyezwa kwabamnyam­a okwenziwa amaBhunu.

UMavundla uthe banqume ukubhikish­a eMariannhi­ll Tollgate ngoNovemba 24, ukuxwayisa abasaqhube­ka nezenzo zokuhlukum­eza abamnyama, ikakhulu emapulazin­i.

“Kuzobe kuwumbhiki­sho onokuthula kodwa sizobe sizwakalis­a ilaka lethu nokungenam­i ngokuhluku­nyezwa kwabantu abamnyama. AmaBhunu asanda kumasha ekhala ngokubulaw­a kwawo, kwaze kwashiswa nefulegi lezwe. Ukushisa ifulegi kufana nokuvukela umbuso, yingakho sizobe siwaxwayis­a amaBhunu ukuthi ayeke le nto ayenzayo,” kusho uMavundla.

Uthe zisekhona izehlakalo zokuhlukun­yezwa kwabamnyam­a njengase-Utrecht, eMpumalang­a, North West nakwezinye izifundazw­e.

“Njengoba amaBhunu amisa yonke into siyazi ukuthi asho ukuthi asazophind­e abhikishe. Asihambisa­ni nokuhlukun­yezwa nokubulawa kwawo kodwa futhi nathi siyakhala ngokuthi abamnyama basahlukum­ezeka,” kuqhuba uMavundla.

Uthe inkululeko yatholakal­a ngokuxoxa ngakho akumele kubuyelwe esikhathin­i sodlame.

Uqhube wathi nabantu bokufika kuleli bahlukunye­zwa abalimi abamhlophe.

Ephawula ngokwenzek­a eZimbabwe, uthe unethemba lokuthi kuzoqhubek­a kube nozinzo kuleliya lizwe.

“Sasebenzis­ana kakhulu namaqembu ahlukene eZimbabwe. Siyazi ukuthi akwenzayo wukuzama ukubuyisa uzinzo. UMengameli Mugabe (Robert) usekhulile, akhona amaphutha awenzile ngakho kudingeka ahlonishwe,” kusho uMavundla.

Uthe bayayihlon­ipha imizamo yakuleli yokuzama ukungenela eZimbabwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa