Izingwevu ze-ANC zikhuza eyokuhlukana engqungqutheleni
OMAKADEBONA be-ANC KwaZulu-Natal bathi akumele le nhlangano ilahlekelwe wukwesekwa okhethweni lwango-2019 ngenxa yengqungquthela yangenyanga ezayo yokukhetha ubuholi obusha.
I-ANC ithi akumele engqungqutheleni kugqame indaba yokuhlukana kwabaholi kodwa kumele ibe nobumbano.
USihlalo kaKhongolose uMnuz Themba Mavundla uthe uyazi ukuthi ingqungquthela izoba nokuthula.
“Akumele siphume engqungqutheleni bese silahlekelwa wukwesekwa ngo-2019. Wonke amalungu e-ANC awazimele siqu sawo,” kusho uMavundla esithangamini sabezindaba izolo.
Le nhlangano isinqume ukuthi izobhikisha emgwaqweni onguthelawayeka uN3 ngelizayo ikhala ngokuhlukunyezwa kwabamnyama okwenziwa amaBhunu.
UMavundla uthe banqume ukubhikisha eMariannhill Tollgate ngoNovemba 24, ukuxwayisa abasaqhubeka nezenzo zokuhlukumeza abamnyama, ikakhulu emapulazini.
“Kuzobe kuwumbhikisho onokuthula kodwa sizobe sizwakalisa ilaka lethu nokungenami ngokuhlukunyezwa kwabantu abamnyama. AmaBhunu asanda kumasha ekhala ngokubulawa kwawo, kwaze kwashiswa nefulegi lezwe. Ukushisa ifulegi kufana nokuvukela umbuso, yingakho sizobe siwaxwayisa amaBhunu ukuthi ayeke le nto ayenzayo,” kusho uMavundla.
Uthe zisekhona izehlakalo zokuhlukunyezwa kwabamnyama njengase-Utrecht, eMpumalanga, North West nakwezinye izifundazwe.
“Njengoba amaBhunu amisa yonke into siyazi ukuthi asho ukuthi asazophinde abhikishe. Asihambisani nokuhlukunyezwa nokubulawa kwawo kodwa futhi nathi siyakhala ngokuthi abamnyama basahlukumezeka,” kuqhuba uMavundla.
Uthe inkululeko yatholakala ngokuxoxa ngakho akumele kubuyelwe esikhathini sodlame.
Uqhube wathi nabantu bokufika kuleli bahlukunyezwa abalimi abamhlophe.
Ephawula ngokwenzeka eZimbabwe, uthe unethemba lokuthi kuzoqhubeka kube nozinzo kuleliya lizwe.
“Sasebenzisana kakhulu namaqembu ahlukene eZimbabwe. Siyazi ukuthi akwenzayo wukuzama ukubuyisa uzinzo. UMengameli Mugabe (Robert) usekhulile, akhona amaphutha awenzile ngakho kudingeka ahlonishwe,” kusho uMavundla.
Uthe bayayihlonipha imizamo yakuleli yokuzama ukungenela eZimbabwe.