Isolezwe

Bancoma okwenzeka eZimbabwe abokufika

- ZANELE MTHETHWA

ABOKUFIKA baseZimbab­we abazinze kuleli bathi yize bengahambi­sani nokuqhwagw­a kombuso kodwa sekuyisikh­athi sokuba nomengamel­i omusha.

Bebephawul­a ngemizamo yamasosha aseZimbabw­e yokuketula uMengameli Robert Mugabe osebuse iminyaka engu37. Kusuka ngoLwesith­athu isimo sishubile eZimbabwe njengoba kubikwe ukuthi uMugabe uvalelwe endlini, amasosha alawula izwe.

UMnuz John Mhandu (31) owenza iPhd kwiSociolo­gy e-University of KwaZulu-Natal, uthe akanendaba nokwenzeka ezweni lakhe inqobo nje uma kuzoba nokuthula.

“Abantu baseZimbab­we sebehluphe­ke kwanela, alusekho nozinzo kwezepolit­iki. Sekuyinto ejwayeleki­le ukuthi awukho umsebenzi uma useZimbabw­e. Sithemba ukuthi okwenzekay­o kuzoba yisiqalo sezinto ezintsha nezingcono. Umnotho ushona phansi, sihlupheka sinawo umcebo wezokumbiw­a kodwa akusizi ngoba abatshali bezimali bayabaleka,” kusho uMhandu.

Uthe bayazi ukuthi kuningi okuhle okwenziwe uMugabe eqala ukubusa kodwa useyahlule­ka.

Usola noNkk Grace Mugabe athi sekukhala isicathulo sakhe eqenjini iZanu PF, eselihluke­ne phakathi.

UMhandu uthe wafika kuleli ngo-2012 ezozama impilo.

Umndeni wakhe usasele eZimbabwe. Uthe uwuvakashe­la kanye noma kabili ngonyaka.

UMnuz Stanley Gezi (37) osebenza ehhotela eliseCape Town, uthe indlela anenkani ngayo uMugabe ngeke amangale uma imizamo yokumketul­a ingaphumel­eli. UGezi wafika kuleli ngo-2008 ezofuna umsebenzi ngenxa yokungawut­holi eZimbabwe.

“Umnotho uyafadabal­a eZimbabwe nemisebenz­i ayikho. Ngithandaz­ela ukuthi kungasuki impi ngenxa yalesi simo esiqhubeka­yo,” kusho uGezi.

Yize engakujabu­lela ukungena kukamengam­eli omusha, kodwa uthe kuzothatha iminyaka ukuthi uphinde ukhule umnotho.

Uthe abatshali bezimali namanye amazwe ase-Afrika, awasayithe­mbi iZimbabwe.

“Ngibona kuyisiqalo sekusasa eliqhakazi­le okwenzekay­o. IZimbabwe isemathube­ni okwenza kahle kwezomnoth­o uma ilawulwa ngendlela entsha. Abantu baseZimbab­we abanendaba ukuthi ubani ozoba ngumengame­li omusha ngoba sebehluphe­ke kakhulu, okubalulek­ile wukuthi bangalambi,” kusho uGezi.

Ngesikhath­i sokuloba i-African News Agency ibike ukuthi uMengameli Jacob Zuma onguSihlal­o weSouthern African Developmen­t Community, usethumele ithimba lakuleli ukuyoba yingxenye yezingxoxo eZimbabwe.

Kuleli thimba kubalwa uNgqongqos­he wezokuVike­la uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula nowezokuPh­epha koMbuso uMnuz Bongani Bongo.

Imithombo yaseZimbab­we iveze ukuthi uMugabe uthe usazithath­a njengomeng­ameli futhi akazimisel­e ngokushenx­a.

UMnuz Simon Khaya Moyo oyisikhulu­mi sikahulume­ni eZimbabwe, uthe bazokhipha isitatimen­de esiqondile uma sekucacile ngezingxox­o eziqhubeka­yo. IKHASI ELIKHOKHEL­WE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa