Abaculi sebeqopha kwezabo izinkampani
ESIKHUNDLENI sokuthi bathembele kwezinye izinkampani ukuqopha umculo wabo, abaculi abaningi sebenezabo izinkampani ezibhekelela lonke ibhizinisi lomculo kodwa abanye bahlupheka nazo kanti abanye badla ngazo.
Sekuvamisile ukuthi umculi engakaqedi nesonto ekhiphe umucu noma i-albhamu umuzwe esethi lowo msebenzi uphume enkampanini yakhe.
Kwesinye isikhathi abanye basuke bengakaziwa kangako emphakathini, into eshiya umbuzo wokuthi inhloso yenkampani kusuke kuyini.
Phambilini abaculi bebengayinakile eyokuzisungulela izinkampani. Kwabambalwa Isolezwe elixoxe nabo lithole ukuthi akuyona into elula ukuqala inkampani yakho, ngisho ngabe kuthiwa usuyaziwa kodwa kuyabasiza ngoba abagcini sebephenduke amafosholo okumbela ezinye izinkampani imali.
UThinah Zungu owayeseBula Music kodwa osenza yonke into enkampanini yakhe, iThinah Music Productions, uthe kumsizile kakhulu ukusungula inkampani yakhe.
“Ngesikhathi ngisungula inkampani abaningi bebengihleka bezitshela ukuthi ngeke iphumelele ngoba ngingakadumi. Ukuyivula ngingakadumi kube yinselelo enkulu ngoba kuningi okumele ukufunde kodwa kuyasiza uma sekuza ezimalini nokuthuthukisa umsebenzi wakho. Okuphinde kube mnandi ngokuba nenkampani yakho wukuthi yonke imali iza kuwena nokwenza usheshe uyibone into oyenzayo,” kusho uThinah.
Uthe ukuba nenkampani kuyakuthuthukisa ngasohlangothini lwebhizinisi. Impilo ayipheleli esteji noma estudio kodwa kumele ube nomsebenzi ozowenza nsuku zonke.
Uqhube wathi ngesikhathi esaqala kuningi okwakumele akufunde njengoba wake wathumela i-invoice engenayo ngisho iletter head.
UDJ Bongz osanda kuphuma eMabala Noise nosenenkampani yakhe iGwaragwara Entertainment, uthe kuyinto efanele ukuthi wonke umculi abe nayo inkampani.
“Noma ungakadumi ungaba nayo inkampani kodwa kumele uqale ezinkampanini ezinkulu ezizokudumisa ngaphambi kokuba uzimele. Ziningi izinselelo ezikhona emculweni, ngakho kumele uqale kwabaziyo. Uma usubona ukuthi usuyaziwa, usungacela ukuphuma enkampanini uzimele. Mina ngikubona kungawenzi umqondo ukuthi uhlale enkampanini enkulu ngisho usudumile.
Inkinga wukuthi iningi imali egcina ingafikanga kuwena ngoba awuvezelwa konke okwenzekayo. Kwesinye isikhathi utshelwa ukuthi i-albhamu yakho isidayise igolide kodwa uthi uma usufuna leyo mali uthole ukuthi ayikho,” kusho uBongz.
UMshoza naye oseqopha enkampanini yakhe iFresh Money Family (FMF), uthe akuyona into elula ukuba nenkampani kodwa kungumqondo omuhle ukuba nayo.
“Inkinga ekhona uma usasungula inkampani ulahlekelwa yimali eningi. Kuhle ukuthi ube nayo kodwa ungasheshi uzimele ngoba isuke idinga imali.
“Abanye abaculi abasafika bacabanga ukuthi uma usungula inkampani yakho yonke into isuke izoba lula kanti akunjalo. Njengalo lonke ibhizinisi, ukuba nenkampani kudinga ukuthi uqale ngokuyisebenzisa imali ukuze ikwazi ukuqhubeka. Uma ungenayo imali ngeke ukwazi ukweza lutho enkampanini. Ungaba nayo kodwa ingabi namsebenzi walutho,” kusho uMshoza.
Umphathi we-Afrotainment, uDJ Tira uthe akuyona into elula ukuba nenkampani kodwa kubalulekile ukuthi ube nayo, ungabheki ukuthi uzosheshe wenze imali ngokuba nayo.
“Kulukhuni ukuthola imali ngokushesha ngoba ukuba nenkampani kudinga ukuthi uzinikele kakhulu emsebenzini owenzayo. Into emnandi wukuthi usuke uzisebenzela yonke imali kuwena. Okunye wukuthi nabantu osuke usebenzisana nabo enkampanini yakho kumele kube abantu enizothembana nabo bafane nabafowenu. Nakimina ngaphambi kokuba ngiphumelele kuthathe isikhathi kodwa ngasizwa wukuthi ngingumuntu othandayo ukusebenza nabantu, ukuvumbulula ikhono kwabanye abaculi,” kusho uTira.
Uthe ngaphambi kokuba aqale inkampani yomculo uqale ngokuvula eyokuhlela imicimbi njengoba eneFact Durban Rocks, Durban Finest ne-Afrotainment.
“Ngenhlanhla zonke lezi zinkampani ziyahambisana. Yize kunjalo kodwa umsebenzi wakhona awukho lula ngoba enye inkampani igxile emicimbini, enye igxile kubaculi,” kuqhuba uTira.
Uthe uqale ngemicimbi emincane abeyihlela emakilabhini wagcina esenza emikhulu.