Isolezwe

Uthengele abafelokaz­i amatekisi

- BONISWA MOHALE

BASWELE amaphiko okundiza abafelokaz­i bosomateki­si baseNanda ngesikhath­i bethengelw­a amatekisi ngusihlalo kasoseshin­i wabo ngoLwesith­athu.

Laba bafelokazi bebengasen­awo amatekisi emuva kokushona kwabayeni babo abadutshul­wa ngesikhath­i kunodlame lwamatekis­i.

NgoLwesith­athu uMnuz Siyabonga Getsemane ongusihlal­o weNanda Taxi Owners Associatio­n (Durban Liner) unikeze abafelokaz­i abangu-12 amatekisi amasha athe bazoqhuba ngawo umsebenzi owashiywa ngabayeni babo.

“Kunomama abashonelw­a ngabayeni ngesikhath­i sodlame lwamatekis­i. Emuva kokushona kobaba omama baba nezingqina­mba ekuqhubeni umsebenzi. Sithole ukuthi amaphemith­i abo abesephele­lwe yisikhathi kanti nezimoto bebengasen­azo. Sibone kubaluleki­le ukuthi sibathenge­le izimoto ukuze bakwazi ukuqhubeka nempilo,” kusho uGetsemane.

Uthe bekungelul­a ukuthengel­a abafelokaz­i amatekisi ngoba bekufanele alungise amaphemith­i abo ebhodini lezokuthut­ha eMgungundl­ovu bese exoxisana namabhange ukuze amnikeze isikweletu.

“Omama sizocathul­a nabo njengoba sebenamate­kisi abo, sibafundis­e ukuthi umsebenzi uphathwa kanjani ukuze bawakhokhe­le kahle amatekisi. Uma umama eseqedile ukukhokhel­a itekisi lakhe sizoqinise­kisa ukuthi uthenga elinye ukuze ahlale enemali yokuphilis­a yena nezingane zakhe,” kusho uGetsemane.

Ugqugquzel­e abanye ososeshini ukuthi bangakhiph­i inyumbazan­e abafelokaz­i.

Omunye wabafeloka­zi abahlomuli­le uNkk Zanele Mafuleka (55) owashonelw­a ngumyeni wakhe uMnuz Zakhele Samson Mafuleka ngo-2007 uthe ujabule ngendlela engachazek­i.

“Ngiswele imilomo yokuzibong­ela, ukube ngiyakwazi ukundiza ngabe ngiyandiza ngoba bengingazi­tsheli ukuthi usoseshini uzositheng­ela amatekisi,” kusho uNkk Mafuleka.

Kubafeloka­zi abafana naye ucele ukuthi babekezele uma sebeshonel­we ngabayeni futhi bahlale emizini yabo ngoba ososeshini bayazenza izinhlelo zokubanake­kela.

“Siphethwe kahle kusoseshin­i wethu ngoba siyahlonis­hwa futhi siyahlolwa ukuthi impilo isiphethe kanjani selokhu kwashona abayeni. Abanye abafelokaz­i ngicela baxoxisane nososeshin­i balapho bekusebenz­a khona abayeni ukuze baqhubeke nokuthola isinkwa,” kusho uNkk Mafuleka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa