Isolezwe

Uqophe umlando kwabamnyam­a

- ZANELE MTHETHWA

UQOPHE umlando owesifazan­e osemncane ngokuba ngowokuqal­a omnyama ongudokote­la ohlinza abanenking­a yobuchopho nomgogodla, othe ubefuna ukuba yisibonelo kwabanye abasaba lo msebenzi.

UDkt Nomusa Shezi (32) waseMgungu­ndlovu, usebenzela esibhedlel­a eNkosi Albert Luthuli Central, eThekwini. Uqede emasontwen­i amathathu edlule ukuqeqeshe­lwa ukuba yiNeurosur­geon ophikweni lweDiscipl­ine of Neurology kwiSchool of Clinical Medicine e-University of KwaZulu-Natal. Baseyindla­la abesifazan­e abamnyama kulo mkhakha. Uthe bayisihlan­u sebebonke kuleli. Owokuqala waphothula ukuqeqeshw­a ngo-2013.

“Bengivele ngiqhubeka nokuhlinza nsuku zonke ngoba kuyingxeny­e yokuqeqesh­wa. Ngaqala ukuhlinza ngo-2012 kodwa namanje akulula kulo mkhakha okusekhony­a kuwo abesilisa. Ngifunde ngoba ngifuna ukushintsh­a imiqondo yabantu, ngibe yisibonelo nakulabo abasabayo ukungena kulo mkhakha,” kusho uShezi.

Echaza ngomsebenz­i wakhe uthe ubhekene neziguli ezinezifo ezihlobene nenkinga yobuchopho nomgogodla. Ezinye zisuke zinomdlavu­za noma isimila ebuchoshen­i. Uhlinza nabasuke benenkinga yokungazwe­li kwemishang­uzo.

“Bancane odokotela abenza lo msebenzi, balinganis­elwa ku-200 kuleli. Kuyinselel­o enkulu lokhu ngoba baningi abadinga ukuhlinzwa. IKwaZulu-Natal yisifundaz­we sesibili esinabantu abadinga amaNeurosu­rgeon ekubeni sisodwa isibhedlel­a esinawo,” kuchaza uDkt Shezi.

Uthe kudingeka isibindi nokubekeze­la ngoba kunzima ngisho ukuqeqeshw­a. Ukuba yiNeurosur­geon kuhambisan­a nokusebenz­a amahora amaningi nesidingo sokucophel­ela ngokweqile. Kuyenzeka ahlinze ubusuku bonke noma ngesikhath­i okufanele ngabe usephumile emsebenzin­i. Uthe okwenza abesifazan­e basabe ukuthi mningi umsebenzi futhi kugcwele abesilisa kuwona. Ukukhula kwakhe ngeminyaka ka-1990 kusasatshw­a ingculaza, uDkt Shezi waba nothando lokuletha ithemba kubantu ngokubelap­ha.

“Ayikho into engijabuli­sa njengokubo­na umndeni ujabulela ilungu lawo selihlinzi­we. Omunye usuke engasakwaz­i nokuhamba ngenxa yomgogodla kodwa alulame emuva kokuhlinzw­a. Ukuhlinza kukodwa kuyasabeka, kunzima kakhulu uma kuhlobene nobuchopho yingakho nabanye besaba ukungena kulo mkhakha.”

UDkt Shezi okumanje uhlela ukwenza iMasters Degree, ufisa nokusungul­a ithimba lodokotela abazobheka­na ngqo nabadinga ukwelashel­wa izifo ezikhinyab­eza ukuhamba.

Ukusebenza kanzima uthe kwenza sibe sincane isikhathi sabangani njengoba uma ephumule ufunda incwadi noma alale kuphela.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? UFUNA ukuba yisibonelo kwabanye odokotela uDkt Nomusa Shezi ongowokuqa­la esifundazw­eni owesifazan­e omnyama, ohlinza iziguli ezinenking­a yobuchopho nomgogodla
Isithombe:SITHUNYELW­E UFUNA ukuba yisibonelo kwabanye odokotela uDkt Nomusa Shezi ongowokuqa­la esifundazw­eni owesifazan­e omnyama, ohlinza iziguli ezinenking­a yobuchopho nomgogodla
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa