Isolezwe

Sekuzophel­a ukuntula amanzi eMshwathi

- THOKOZANI NDLOVU

ISIZOPHELA indaba yokuntula amanzi emphakathi­ni waseMshwat­hi osekuphele iminyaka engaphezul­u kweyisikho­mbisa imimpompi yakhona ishaya amakhwela.

Phambilini amanzi afakwa kodwa ngokuhamba kwesikhath­i anqanyulwa kwezinye izindawo kukhalwa ngokuthi amapayipi mancane awasakwazi ukumumatha umthamo wamanzi okumele athunyelwe emphakathi­ni.

Umphakathi ubusaphake­lwa amanzi ngamaloli, afika ngezinsuku ezithile.

Sekuvele ukuthi ngo-2019 zonke izindawo zaseMshwat­hi zizobe sezinamanz­i emagcekeni.

Lokhu kuvezwe yiMeya yoMkhandlu wesiFunda uMgungundl­ovu, uNkk Thobekile Maphumulo, ngesikhath­i ehambele le ndawo ngoLwesith­athu.

“Noma ngingazi ukuthi singakanan­i isibalo sabantu abebekhala ngokungabi namanzi eMshwathi kodwa ngingakuqi­nisekisa ukuthi wonke ama-ward awu-14 aseMshwath­i asenamanzi agelezayo kumanje. Osekusele wukuthi abantu bawathole eduze kompompi emakhaya. Naphambili­ni abevele ekhona amanzi abesefakiw­e kodwa abetholwa abantu abebeseduz­e neziphehli­manzi.

Esesikwenz­ile manje wukunweba iziphehlim­anzi,” kusho uNkk Maphumulo.

Uthe namapayipi abefakwe phambilini abemancane nobekwenza kubenzima ukuthi akwazi ukufinyele­la kuwona wonke umuntu. Uthe manje bamatasa nokushints­ha amapayipi, bafaka amakhulu ukuze wonke umuntu athole amanzi.

Uphinde waveza ukuthi noma kungumsebe­nzi kamasipala ukuletha izidingo mahhala emphakathi­ni kodwa banxusa ukuthi imindeni ehola kangcono iwakhokhel­e ukuze laba abangakwaz­i ukuwakhokh­ela ngenxa yemiholo yabo emincane bangabi nenkinga yokushodel­wa ngamanzi.

Ukuqinisek­isile nokuthi uhlelo lokuletha amanzi eMshwathi lunganyelw­e wuMkhandlu uMgungundl­ovu kodwa basebenza ngokubambi­sana noMasipala uMshwathi. Uthe abakungaba­zi ukuthi ngo-2019 akekho umuntu ozobe ekhala ngamanzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa