Isolezwe

Akutholwe isixazulul­o sesimo saseZimbab­we

-

SEKUPHELE iminyaka ewu-37 uMnuz Robert Mugabe ebusa iZimbabwe ngesandla sensimbi, egudluza kwasani ayibona iyisitha noma yisiphazam­iso okugcine kufake izwe obishini.

Manje kubonakala sengathi useketuliw­e nokungagud­luzi yena kuphela kodwa nomkakhe, uNkk Grace Mugabe.

Ekuseni ngo-Ephreli 17 1980, umfundi wezindaba weZimbabwe Broadcasti­ng Corporatio­n, uNksz Mandy Mundawarar­a wamemezela ukuthi: “IZimbabwe izoba yizwe elisha kusukela namhlanje ebusuku. Phakathi kwemicimbi ezoba khona ukugubha lokhu wukugcotsh­wa kozoba nguMengame­li, uMnuz (Canaan) Banana noNdunanku­lu, uMnuz Mugabe.”

I-Zanu-PF yayizidlel­e amahlanga okhethweni ngamavoti angaphezu kuka-90%. Abelungu eZimbabwe, eyayaziwa ngeRhodesi­a ngaleso sikhathi, basala beshaqekil­e. Esemusha uMugabe wayesho zonke izinto ezinhle. Kodwa izinselelo zepolitiki nesimo sezulu kwenza izinto zaba lukhuni.

Okwalandel­a lapho wukuthi uMugabe wayengasat­hembi lutho. Izitha zazigudluz­wa, amaqembu aphikisayo ayephazany­iswa nawo.

Kuthe uma umnotho kucaca ukuthi uyazika ngempela uMugabe wakhetha ukwethula imigomo engaphusil­e kodwa ayazi ukuthi izomhehela abalandeli. Wakhipha umyalelo wokuthi kudliwe ngodli amapulazi abelungu, amaningi awo anikwa abangani bakhe abangosopo­litiki kwiZanu-PF. Amandla edollar laseZimbab­we ehla, izinkumbi zabantu zawelela eNingizimu Afrika zibalekela ububha, ukushaywa nokuboshwa.

Manje kubonakala sengathi umbutho wezokuvike­la yiwona osulawula izwe. Uthe uMugabe uphephile kodwa ufuna abantu abasondele­ne naye.

UMugabe usanda kuxosha obeyiphini lakhe, uMnuz Emmerson Mnangagwa. Ukuxokozel­a eZimbabwe kusithinta kakhulu. Kumanje bangaphezu kwesigidi abantu bakhona okukholaka­la ukuthi bakuleli. Lesi siphithiph­ithi sisho ukuthi isibalo sizonyuka.

Esikucelay­o kuhulumeni wakuleli ukuthi usebenzisa­ne ne-African Union ukuze kutholakal­e isisombulu­lo eZimbabwe. Lokhu futhi kufanele kuhambisan­e nokuthi abantu banikezwe ithuba lokuzikhet­hela ukuthi ngubani abafuna ababuse.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa