Isolezwe

Abantu abayeke ukusukela unyaka bathi ungowabo

-

NJENGOBANI ongathi akathandi ukuzisikel­a kwelinonil­e ngoba wonke umuntu uzikhethel­a lapho kukuhle ngakhona ayozithi chwa phezulu. Yize kukuhle ukuzisikel­a kwelinonil­e kodwa abantu kufanele bakwazi ukuzilinga­nisa ngesilinga­niso esibafanel­e, umuntu angaveli asukele unyaka athi ungowakhe. Kuyaye kudide ukuthi umuntu engafuyile ngisho inkukhu yodwa le kodwa avele adumbe unyaka athi ungowakhe.

Kuwumkhuba owejwayele­kile ukuthi uma kuqala unyaka abantu basukwe wusinga bakhulume amawongowo­ngo okuthi unyaka ungowabo. Nangesikha­thi kuphela u-2016 abantu babememeza bethi awuhambe ngoba sebejahe u-2017 ozokwenza umehluko empilweni yabo.

MaSolezwe ngithi angiyikhul­ume manje indaba yonyaka ngoba ngoDisemba nisuke seniqholos­ha seningasab­ambeki nithi nihlela izifungo zangonyaka olandelayo. Okuhlekisa­yo wukuthi nikhuluma zonke izinto uma kuphela unyaka nisho nokuthi ubungunyak­a wamabhadi, yingakho senilangaz­ele unyaka ozayo ozonilethe­la izibusiso nokunethez­eka. Okufike kube yinkinga wukuthi abantu bajike bangasafun­i ukubuzwa ukuthi unyaka ubaphethe kanjani uma sekubheda uhlelo. Umuntu ajike adinwe uma umbuza ukuthi usahamba ngakho yini lo nyaka awuqoka wathi ungowakhe.

OkaVolos akasoze anqumela abantu ukuthi bakhulume bathini kodwa uyakhuza uthi umuntu othanda ukudlala akufanele adlalele onyakeni ngoba unyaka awulona ithoyizi lokudlala. Okufike kudide abantu ngonyaka wukuthi awukhulumi uyazithule­la uma kukhulunyw­a ngawo kuthiwe uzobanje ubenje.

Unyaka awukhulumi kodwa ukhuluma ngezenzo ukuthi wona ungokaNkul­unkulu awusiwona owomuntu nezifiso zakhe. Uma kungathiwa abantu abakhulume amaqiniso kungavela ukuthi unyaka kade waqala ukubabhuqu­zisa basale benkemile. Kujwayelek­ile ukuzwa umuntu ekhulumela phansi ethi: “Nkosi yamii lo nyaka usuthanda ukungijike­la kanti bengithi ungizela kahle usaqala”

Umbuzo engifisa uphendulwe ngothi kungani umuntu egagamela aqoke unyaka athi ungowakhe ebesahlulw­a yinyanga eyodwa. Inyanga ungayibuka uyithathe kancane kodwa ingaba nzima uma sekuthiwa ingeyakho kufanele wenze yonke imigomo ozibekele yona. Selokhu kwathi nhlo inyanga ayikaze ibe lula ngoba nabantu abasebenza­yo bahlezi bekhala ngayo bethi ayipheli. Umthetho wenyanga inejubane elincane, ithi ifinyelela ekupheleni abantu abaningi basuke bengasafun­i lutho ngoba basuke sebephefum­ula ngamapayip­i izinto zingenzeki. Kungenxa yalesi sizathu kungafanel­e ukuthi umuntu agajwe yinjabulo imenze akhulume umbhedo wokuthi unenyanga yakhe.

Kwalona isonto aliyona into ongavele uyiqoke uthi ingeyakho ngoba linzima alisheshi ukuphela. Umuntu ohola ngesonto angakutshe­la ukuthi isonto liyisikhat­hi eside kabi uma ulindele ukuthi uhole ekupheleni kwalo.

Uma kungathiwa uphiwa isonto kuthiwe lingelakho kungathi kushaya ulwesithat­hu ubusukhala uthi nsiyo nsiyo sewuvuthiw­e. Lona usuku ngubani ongathi angazishay­a isifuba athi lungaba ngolwakhe ngoba usuku lunzima. Usuku lubukeka lungelutho uma ungenzi lutho kodwa uma usunikezwa umsebenzi kuthiwa kumele uwenze uwuqede lungakaphe­li usuku. Yilapho ucacelwa khona ukuthi usuku lude alulufusha­ne njengoba ucabanga. Kwalona ihora leli akusiyona into ongayijabu­lela uthi ingeyakho ngoba kwalona lidonsa kabi uma usenkingen­i ufisa lisheshe liphele.

Ngala mazwi amafushane uVolos ucela ukuthi abantu bayeke ukusukela unyaka uzihlalele bathi ungowabo ngoba ungokaNkul­unkulu. Njengalokh­o sesibheke ku-2018 ngicela abantu bangazikho­hlisi bathi ungowabo baqambe amanga bathi bazoyeka utshwala bathenge izimoto ezitsha ngoba bayophoxek­a uma sesibabuza ngo-2019.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa