Abantu abayeke ukusukela unyaka bathi ungowabo
NJENGOBANI ongathi akathandi ukuzisikela kwelinonile ngoba wonke umuntu uzikhethela lapho kukuhle ngakhona ayozithi chwa phezulu. Yize kukuhle ukuzisikela kwelinonile kodwa abantu kufanele bakwazi ukuzilinganisa ngesilinganiso esibafanele, umuntu angaveli asukele unyaka athi ungowakhe. Kuyaye kudide ukuthi umuntu engafuyile ngisho inkukhu yodwa le kodwa avele adumbe unyaka athi ungowakhe.
Kuwumkhuba owejwayelekile ukuthi uma kuqala unyaka abantu basukwe wusinga bakhulume amawongowongo okuthi unyaka ungowabo. Nangesikhathi kuphela u-2016 abantu babememeza bethi awuhambe ngoba sebejahe u-2017 ozokwenza umehluko empilweni yabo.
MaSolezwe ngithi angiyikhulume manje indaba yonyaka ngoba ngoDisemba nisuke seniqholosha seningasabambeki nithi nihlela izifungo zangonyaka olandelayo. Okuhlekisayo wukuthi nikhuluma zonke izinto uma kuphela unyaka nisho nokuthi ubungunyaka wamabhadi, yingakho senilangazele unyaka ozayo ozonilethela izibusiso nokunethezeka. Okufike kube yinkinga wukuthi abantu bajike bangasafuni ukubuzwa ukuthi unyaka ubaphethe kanjani uma sekubheda uhlelo. Umuntu ajike adinwe uma umbuza ukuthi usahamba ngakho yini lo nyaka awuqoka wathi ungowakhe.
OkaVolos akasoze anqumela abantu ukuthi bakhulume bathini kodwa uyakhuza uthi umuntu othanda ukudlala akufanele adlalele onyakeni ngoba unyaka awulona ithoyizi lokudlala. Okufike kudide abantu ngonyaka wukuthi awukhulumi uyazithulela uma kukhulunywa ngawo kuthiwe uzobanje ubenje.
Unyaka awukhulumi kodwa ukhuluma ngezenzo ukuthi wona ungokaNkulunkulu awusiwona owomuntu nezifiso zakhe. Uma kungathiwa abantu abakhulume amaqiniso kungavela ukuthi unyaka kade waqala ukubabhuquzisa basale benkemile. Kujwayelekile ukuzwa umuntu ekhulumela phansi ethi: “Nkosi yamii lo nyaka usuthanda ukungijikela kanti bengithi ungizela kahle usaqala”
Umbuzo engifisa uphendulwe ngothi kungani umuntu egagamela aqoke unyaka athi ungowakhe ebesahlulwa yinyanga eyodwa. Inyanga ungayibuka uyithathe kancane kodwa ingaba nzima uma sekuthiwa ingeyakho kufanele wenze yonke imigomo ozibekele yona. Selokhu kwathi nhlo inyanga ayikaze ibe lula ngoba nabantu abasebenzayo bahlezi bekhala ngayo bethi ayipheli. Umthetho wenyanga inejubane elincane, ithi ifinyelela ekupheleni abantu abaningi basuke bengasafuni lutho ngoba basuke sebephefumula ngamapayipi izinto zingenzeki. Kungenxa yalesi sizathu kungafanele ukuthi umuntu agajwe yinjabulo imenze akhulume umbhedo wokuthi unenyanga yakhe.
Kwalona isonto aliyona into ongavele uyiqoke uthi ingeyakho ngoba linzima alisheshi ukuphela. Umuntu ohola ngesonto angakutshela ukuthi isonto liyisikhathi eside kabi uma ulindele ukuthi uhole ekupheleni kwalo.
Uma kungathiwa uphiwa isonto kuthiwe lingelakho kungathi kushaya ulwesithathu ubusukhala uthi nsiyo nsiyo sewuvuthiwe. Lona usuku ngubani ongathi angazishaya isifuba athi lungaba ngolwakhe ngoba usuku lunzima. Usuku lubukeka lungelutho uma ungenzi lutho kodwa uma usunikezwa umsebenzi kuthiwa kumele uwenze uwuqede lungakapheli usuku. Yilapho ucacelwa khona ukuthi usuku lude alulufushane njengoba ucabanga. Kwalona ihora leli akusiyona into ongayijabulela uthi ingeyakho ngoba kwalona lidonsa kabi uma usenkingeni ufisa lisheshe liphele.
Ngala mazwi amafushane uVolos ucela ukuthi abantu bayeke ukusukela unyaka uzihlalele bathi ungowabo ngoba ungokaNkulunkulu. Njengalokho sesibheke ku-2018 ngicela abantu bangazikhohlisi bathi ungowabo baqambe amanga bathi bazoyeka utshwala bathenge izimoto ezitsha ngoba bayophoxeka uma sesibabuza ngo-2019.