Isolezwe

Ayilalelwa­nga iNhlangano yeZizwe

-

MHLELI: Ngonyaka ka-1998, inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisati­on (WHO) yakhipha isexwayiso esasithi: “Ngonyaka ka 2020 izingozi zemigwaqo e-Afrika yonke ziyobe zibulala abantu abaningi ukwedlula zonke ezinye izifo.”

Ngaleso sikhathi izingozi zezimoto zaziklelis­we zingunombo­lo 12 ohleni lwezifo ezibulala ukwedlula ezinye. Ingculazi nesandulel­a sayo yayikunomb­olo 3 ngesikhath­i esifanayo.

Uma sibuyekeza uhlu olufanayo lwezifo namhlanje sithola ukuthi ingculazi ayisekho ku top 10 wezifo ezibulalay­o kodwa izingozi zomgwaqo zingunombo­lo 3. Lokhu kusho ukuthi eNingizimu Afrika maningi amathuba okufa ngengozi yemoto ukwedlula ukugula.

Okwethusa kakhulu ukuthi iningi labantu abedlula emhlabeni ngezingozi zomgwaqo ngabantu abanomthel­ela emnothweni wezwe.

Akekho noyedwa uhulumeni wase-Afrika owasisukum­ela isexwayiso seWorld Health Organisati­oni. Ukube kwakuthath­we izinyathel­o ezifanayo nezathathe­lwa ingculazi ngabe sikhuluma okwehlukil­e.

Ngesikhath­i kwakhiwa izimoto, abenzi bazo bebazi ukuthi kuyokwenze­ka zibe sezingozin­i zomgwaqo kodwa lokho akusho ukuthi sekumele kufe abantu. Ubuchwephe­she bokuphepha obutholaka­la ezimotweni ezakhiwa kulesi sikhathi benza ukuthi izimoto ziphephe ngendlela emangalisa­yo. Empeleni engozini ebucayi kufanele umshayeli nabagibeli baphume bengenamyo­cu, imoto ilimale iphele ize ikhishwe emgwaqweni.

Lapha sibala ubuchwephe­she bokuphepha obufana ne ABS, ESP, EBD, TCS, PRS, SRS, FDS neLAS, ukukha nje phezulu. Ngeshwa, uma ungumshaye­li ungabazi lobu buchwephes­he obubalwe ngenhla futhi ungazi ukuthi benzani emotweni, imoto yakho ingakubula­la inabo bonke.

Kuliqiniso elingephik­we ukuthi iNingizimu Afrika ifuna ukubalwa namazwe ahamba phambili emhlabeni kodwa indlela esisenza ngayo izinto isasele emuva kakhulu. Iningi labashayel­i lithatha izincwadi zokushayel­a ezingo code 10, C1, okuyizincw­adi zokushayel­a amaloli asisindo sawo sifinyelel­a ku 16000KG ngoba kulula ukuphasa, abadingi ukwenza izinto ezifana neParallel Parking, Alley Docking ne 3-Point Turn. Kodwa uma sebethenga izimoto bathenga ezinesisin­do esingu 3500KG ezidinga izincwadi ezingu code 8, B, EB ezidinga ulwazi lwe-Parallel Parking nokunye. Sipho Kunene ENEWCASTLE

 ??  ?? UMQEQESHI weChippa United uTebogo Moloi
UMQEQESHI weChippa United uTebogo Moloi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa