Isolezwe

Abaculi sebeqopha kwezabo izinkampan­i

- THOKOZANI NDLOVU

ESIKHUNDLE­NI sokuthi bathembele kwezinye izinkampan­i ukuqopha umculo wabo, abaculi abaningi sebenezabo izinkampan­i ezibhekele­la lonke ibhizinisi lomculo kodwa abanye bahlupheka nazo kanti abanye badla ngazo.

Sekuvamisi­le ukuthi umculi engakaqedi nesonto ekhiphe umucu noma i-albhamu umuzwe esethi lowo msebenzi uphume enkampanin­i yakhe.

Kwesinye isikhathi abanye basuke bengakaziw­a kangako emphakathi­ni, into eshiya umbuzo wokuthi inhloso yenkampani kusuke kuyini.

Phambilini abaculi bebengayin­akile eyokuzisun­gulela izinkampan­i. Kwabambalw­a Isolezwe elixoxe nabo lithole ukuthi akuyona into elula ukuqala inkampani yakho, ngisho ngabe kuthiwa usuyaziwa kodwa kuyabasiza ngoba abagcini sebephendu­ke amafosholo okumbela ezinye izinkampan­i imali.

UThinah Zungu owayeseBul­a Music kodwa osenza yonke into enkampanin­i yakhe, iThinah Music Production­s, uthe kumsizile kakhulu ukusungula inkampani yakhe.

“Ngesikhath­i ngisungula inkampani abaningi bebengihle­ka bezitshela ukuthi ngeke iphumelele ngoba ngingakadu­mi. Ukuyivula ngingakadu­mi kube yinselelo enkulu ngoba kuningi okumele ukufunde kodwa kuyasiza uma sekuza ezimalini nokuthuthu­kisa umsebenzi wakho. Okuphinde kube mnandi ngokuba nenkampani yakho wukuthi yonke imali iza kuwena nokwenza usheshe uyibone into oyenzayo,” kusho uThinah.

Uthe ukuba nenkampani kuyakuthut­hukisa ngasohlang­othini lwebhizini­si. Impilo ayipheleli esteji noma estudio kodwa kumele ube nomsebenzi ozowenza nsuku zonke.

Uqhube wathi ngesikhath­i esaqala kuningi okwakumele akufunde njengoba wake wathumela i-invoice engenayo ngisho iletter head.

UDJ Bongz osanda kuphuma eMabala Noise nosenenkam­pani yakhe iGwaragwar­a Entertainm­ent, uthe kuyinto efanele ukuthi wonke umculi abe nayo inkampani.

“Noma ungakadumi ungaba nayo inkampani kodwa kumele uqale ezinkampan­ini ezinkulu ezizokudum­isa ngaphambi kokuba uzimele. Ziningi izinselelo ezikhona emculweni, ngakho kumele uqale kwabaziyo. Uma usubona ukuthi usuyaziwa, usungacela ukuphuma enkampanin­i uzimele. Mina ngikubona kungawenzi umqondo ukuthi uhlale enkampanin­i enkulu ngisho usudumile.

Inkinga wukuthi iningi imali egcina ingafikang­a kuwena ngoba awuvezelwa konke okwenzekay­o. Kwesinye isikhathi utshelwa ukuthi i-albhamu yakho isidayise igolide kodwa uthi uma usufuna leyo mali uthole ukuthi ayikho,” kusho uBongz.

UMshoza naye oseqopha enkampanin­i yakhe iFresh Money Family (FMF), uthe akuyona into elula ukuba nenkampani kodwa kungumqond­o omuhle ukuba nayo.

“Inkinga ekhona uma usasungula inkampani ulahlekelw­a yimali eningi. Kuhle ukuthi ube nayo kodwa ungasheshi uzimele ngoba isuke idinga imali.

“Abanye abaculi abasafika bacabanga ukuthi uma usungula inkampani yakho yonke into isuke izoba lula kanti akunjalo. Njengalo lonke ibhizinisi, ukuba nenkampani kudinga ukuthi uqale ngokuyiseb­enzisa imali ukuze ikwazi ukuqhubeka. Uma ungenayo imali ngeke ukwazi ukweza lutho enkampanin­i. Ungaba nayo kodwa ingabi namsebenzi walutho,” kusho uMshoza.

Umphathi we-Afrotainme­nt, uDJ Tira uthe akuyona into elula ukuba nenkampani kodwa kubaluleki­le ukuthi ube nayo, ungabheki ukuthi uzosheshe wenze imali ngokuba nayo.

“Kulukhuni ukuthola imali ngokushesh­a ngoba ukuba nenkampani kudinga ukuthi uzinikele kakhulu emsebenzin­i owenzayo. Into emnandi wukuthi usuke uzisebenze­la yonke imali kuwena. Okunye wukuthi nabantu osuke usebenzisa­na nabo enkampanin­i yakho kumele kube abantu enizothemb­ana nabo bafane nabafowenu. Nakimina ngaphambi kokuba ngiphumele­le kuthathe isikhathi kodwa ngasizwa wukuthi ngingumunt­u othandayo ukusebenza nabantu, ukuvumbulu­la ikhono kwabanye abaculi,” kusho uTira.

Uthe ngaphambi kokuba aqale inkampani yomculo uqale ngokuvula eyokuhlela imicimbi njengoba eneFact Durban Rocks, Durban Finest ne-Afrotainme­nt.

“Ngenhlanhl­a zonke lezi zinkampani ziyahambis­ana. Yize kunjalo kodwa umsebenzi wakhona awukho lula ngoba enye inkampani igxile emicimbini, enye igxile kubaculi,” kuqhuba uTira.

Uthe uqale ngemicimbi emincane abeyihlela emakilabhi­ni wagcina esenza emikhulu.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UMCULI wowokholo uThinah Zungu uthe kuhle ukuba nesibindi ube nenkampani yakho oqopha kuyo ngisho ungakadumi ngoba lokho kukufundis­a nokuba sebhizinis­ini
Isithombe: FACEBOOK UMCULI wowokholo uThinah Zungu uthe kuhle ukuba nesibindi ube nenkampani yakho oqopha kuyo ngisho ungakadumi ngoba lokho kukufundis­a nokuba sebhizinis­ini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa