Sekuzophela ukuntula amanzi eMshwathi
ISIZOPHELA indaba yokuntula amanzi emphakathini waseMshwathi osekuphele iminyaka engaphezulu kweyisikhombisa imimpompi yakhona ishaya amakhwela.
Phambilini amanzi afakwa kodwa ngokuhamba kwesikhathi anqanyulwa kwezinye izindawo kukhalwa ngokuthi amapayipi mancane awasakwazi ukumumatha umthamo wamanzi okumele athunyelwe emphakathini.
Umphakathi ubusaphakelwa amanzi ngamaloli, afika ngezinsuku ezithile.
Sekuvele ukuthi ngo-2019 zonke izindawo zaseMshwathi zizobe sezinamanzi emagcekeni.
Lokhu kuvezwe yiMeya yoMkhandlu wesiFunda uMgungundlovu, uNkk Thobekile Maphumulo, ngesikhathi ehambele le ndawo ngoLwesithathu.
“Noma ngingazi ukuthi singakanani isibalo sabantu abebekhala ngokungabi namanzi eMshwathi kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi wonke ama-ward awu-14 aseMshwathi asenamanzi agelezayo kumanje. Osekusele wukuthi abantu bawathole eduze kompompi emakhaya. Naphambilini abevele ekhona amanzi abesefakiwe kodwa abetholwa abantu abebeseduze neziphehlimanzi.
Esesikwenzile manje wukunweba iziphehlimanzi,” kusho uNkk Maphumulo.
Uthe namapayipi abefakwe phambilini abemancane nobekwenza kubenzima ukuthi akwazi ukufinyelela kuwona wonke umuntu. Uthe manje bamatasa nokushintsha amapayipi, bafaka amakhulu ukuze wonke umuntu athole amanzi.
Uphinde waveza ukuthi noma kungumsebenzi kamasipala ukuletha izidingo mahhala emphakathini kodwa banxusa ukuthi imindeni ehola kangcono iwakhokhele ukuze laba abangakwazi ukuwakhokhela ngenxa yemiholo yabo emincane bangabi nenkinga yokushodelwa ngamanzi.
Ukuqinisekisile nokuthi uhlelo lokuletha amanzi eMshwathi lunganyelwe wuMkhandlu uMgungundlovu kodwa basebenza ngokubambisana noMasipala uMshwathi. Uthe abakungabazi ukuthi ngo-2019 akekho umuntu ozobe ekhala ngamanzi.