Isolezwe

Wunkosikaz­i onezwi ezintweni zikamufi, hhayi amalungu omndeni

- MBUYISELO MATIELA

NGELEDLULE ezeMingcwa­bo zathembisa abafundi bale ngosi ukuthi kuleli sonto zizogxila esihlokwen­i esithanda ukuba yinkinga esizweni esimnyama esithinta ukushona kwelungu lomndeni, emuva kwalokho bese kuvela ukuthi belishadil­e kodwa kungaziwa.

Miningi imindeni ehlukumeze­kayo ngesenzo esifuze leso ngoba kweminye kuba nzima ukuyofuna izabelo zikamufi lapho abesebenza khona ngoba kwesinye isikhathi kuke kufuneke lowo muntu ashade naye ngoba ubembhalil­e ezintweni zakhe emsebenzin­i.

UNksz Nolwazi Malimela, ongummeli, uthe uma umuntu eshonile kwenzeka okubili, kuya ngokuthi ubenalo yini ifa noma cha.

“Uma umuntu eshona incwadi yokufa yenziwa eMnyangwen­i wezaseKhay­a. Iyona evezayo ukuthi umufi ubeshadile noma cha.

Uma kuwukuthi ubeshadile, umndeni wakhe kumele wenze imizamo yokuthi umthole lowo ashade naye,’’ kusho uNksz Malimela.

Uqhube wathi uma ubekhona obeshade naye, cishe konke okuthinta umufi, ngokomthet­ho kumele kwenganyel­we uyena, umndeni kamufi awungeni ndawo.

“Lowo okuvela ukuthi ushade nomufi uyena okumele abhekelele izingane zakhe umufi nanokuthi ifa lakhe licazeka kanjani uma kuwukuthi ubengalibh­alile.’’

Kweminye imindeni, owesifazan­e osuke eshade nomufi, ikakhuluka­zi isinyenyel­a njengokuyo­bhala eMnyangwen­i wezaseKhay­a, abayizwa indaba yakhe.

Uze asolwe nangokugaq­ela imali yomyeni wakhe, ingasaphat­hwe-ke eyokushona kwakhe ngoba esikhathin­i esiningi kusolwa yena.

UNksz Malimela uxwayise nangokubal­uleka kokubhalwe kwefa ngoba lokho kugwema umsindo emndenini nasezihlot­sheni.

Eminye imindeni ize ibange isitifiket­i sokushona sikamufi ngenxa yokuthi basuke befuna ukuyihambi­sa ezinkampan­ini zemishwale­nse ukuze izokhokha.

Ezikhathin­i eziningi abanye bagcina bengakhiph­anga ngisho nendibilis­hi emngcwaben­i kamufi, yize basuke sebedlile ngaye.

Kulabo abafihla izihlobo zabo, sengathi uNkulunkul­u angabaqini­sa ngalesi sikhathi esinzima.

Asihlangan­e ekhasini lethu kuFacebook: Isolezwe Ezemingcwa­bo.

 ??  ??
 ??  ?? IQEDA umsindo incwadi yefa
IQEDA umsindo incwadi yefa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa