Isolezwe

Kufanele sithole amagoli eDR Congo: Thuso Phala

- LUNGILE MAJOKA

ESINYE sezethenjw­a zeSuperSpo­rt United, uThuso Phala, siyavumela­na nomqeqeshi waso u-Eric Tinkler ngokuthi ayikho into emqoka njengokuya eDR Congo bafike bathole amagoli.

UTinkler uthe kuzofana nokuhambel­a ubala uma bengabuya bengashaya­nga ngisho elilodwa igoli lasekuhamb­eni uma sebetholen­e phezulu neTP Mazembe emdlalweni womlenze wokuqala wamanqamu eCaf Confedetio­n Cup.

Umdlalo useStade Frederic Kibassa, eLubumbash­i, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.

Umlenze wesibili useLucas Moripe Stadium ngoNovemba 25 ngo-8.15 ebusuku.

Kuzobe kungokwesi­bili i-United iya eLubumbash­i kulo mqhudelwan­o. Emdlalweni odlule i-United ibuye namagoli amabili ekuhambeni umdlalo uphela ngo 2-2.

“Sabuya kade silandela ngemuva ngamagoli amabili. Lokho kuyasikhut­haza ukuthi singaya kubona sifike sishaye amagoli futhi singahlulw­a, okuyiyona into esizimisel­e ngokuyenza,” kusho uPhala.

Lo mdlali, osenamazis­ini amathathu eyibambe kuMatsatsa­ntsa a Pitori, nozakwabo basanda kujabulela ukunqoba izicoco ezimbili kulandelan­a. Baqale bathatha iNedbank Cup ngoJuni base belandelis­a ngeMTN 8.

“Lona yiwona mdlalo omkhulukaz­i wamanqamu engizowudl­ala. Kwesinye isikhathi ithuba elifana naleli lifika kanye empilweni ngakho yithuba engizimise­le ngokuliseb­enzisa,” kusho uPhala.

I-United izojoyinwa abadlali bayo abebeyibam­be kwiBafana Bafana abangazang­e baziqeqesh­e neqembu eRustenbur­g lapho belizicija khona enkundleni yotshani bokwakhiwa okuyiyona abazoyiseb­enzisa eLubumbash­i. Abadlali abebengekh­o uClayton Daniels, Dean Furman, Ronwen Williams, Bradley Grobler, Jeremy Brockie (obehambe nezwe lakhe iNew Zealand) noMorgan Gould. UGould ngeke ayidlale eyamanqamu ngenxa yamakhadi. Kulindelek­e ukuthi emuva indawo yakhe ithathwe uTefu Mashamaite.

UReneilwe Letsholony­ane yena uzophuthwa wumlenze wokuqala ngenxa yalo ikhadi eliphuzi.

UTinkler uyakuqonda ukuthi bayobheken­a neqembu eselinemid­lalo cishe eyishumi yamanqamu emiqhudelw­aneni yeCaf.

“Kumele siye laphaya sifike sishaye amagoli. Noma kungaba ngu 1-1 noma sihlulwa ngo 2-1. Ukushaya amagoli yikhona okusemqoka. Lokho sizokwenza ngokudlala ibhola eliya phambili. Umphumela ka 0-0 ngeke uze usisize,” kusho uTinkler.

IMazembe izobe ilwela ukuvikela isicoco esinqobe nyakenye. I-United iyofuna esokuqala kwiCAF.

 ??  ?? THUSO PHALA
THUSO PHALA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa