Isolezwe

Ufunwa amaligi amakhulu phesheya uJali

- MINENHLE MKHIZE

UMDLALI weBafana Bafana u-Andile “Gattuso” Jali angase aphelele eFrance, Germany noma eSpain ngesizini ezayo.

Njengamanj­e uJali ugijima kwiKV Oostende yaseBelgiu­m kodwa inkontilek­a yakhe iyaphela ngoJuni. Imenenja yakhe, uMike Makaab weProSport Internatio­nal, iyona eqinisekis­e izindaba zokuthi uJali kungenzeka aphelele eFrance, Germany noma eSpain.

“Uzohlala phesheya uJali. Ukuthi uzohlala kuphi nami anginaso isiqinisek­o. Kunenqwaba yamaqembu aphesheya aqaphe isimo sakhe. Uma eshiya kungenzeka aphelele eFrance, Germany noma eSpain ngoba kunzima ukutholela umdlali ikhaya e-England naseItaly.

“E-England kunalo mshikashik­a wokuthola amaphepha akhona. Kunzima kakhulu-ke njengoba iBafana ikleliswe ngaphandle kwamazwe angu-60 ahamba phambili emhlabeni. E-Italy kunemithet­ho eminingi ethinta abadlali bangaphand­le. Lokhu kwenza kube umthwalo ukutholela abadlali amakhaya khona,” kusho uMakaab.

Uma uJali ephelela eFrance uzohlangan­a nozakwabo okubalwa kubona uKeagan Dolly, Bongani Zungu, Lebo Mothiba noKermit Erasmus bonke abagijima kule lizwe.

“UJali usasalelwe yizinyanga eziyisikho­mbisa kwinkontil­eka yakhe ne-Oostende. Iqembu lisaneme ngomsebenz­i wakhe futhi kungenzeka limnike inkontilek­a entsha kodwa sizoyibhek­a bese siyiqhatha­nisa nezinye izicelo. Kulezi zinyanga ezedlule ifomu yakhe inyukile.

UJali akamdala kodwa futhi iminyaka yakhe ayehli.

Ngakho kumele senze isiqinisek­o sokuthi sithatha isinqumo esifanele ngekhaya lakhe elisha,” kusho uMakaab.

UJali usemele izwe amahlandla angu-44, washaya amagoli amahlanu.

“Njengamanj­e uJali ugxile eqenjini lakhe. Ubheke ukugcina umgqigqo wakhe omuhle enkundleni,” kuphetha uMakaab.

UJali kuke kwaba nemibiko yokuthi angase abuyele eNingizimu Afrika ezinyangen­i ezedlule kodwa uMakaak wayikhahle­la ngazo zombili ebalula ukuthi usafuna ukudlala phesheya. Lo mdlali ungomunye wababhekwe ukuthi basize iBafana ivale ihlazo lokuphuthw­a ukuya kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo, uma sekuqhubek­a eyokuhlung­ela i-Afcon ka-2019.

IBafana izobhekana neLibya eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMashi. Emdlalweni wokuqala iqembu lakuleli lenze kahle kakhulu lishaya iNigeria ngo 2-1 ekuhambeni.

 ??  ??
 ??  ?? U-ANDILE Jali weBafana Bafana angase azothole edlala kwenye yamaligi amakhulu phesheya kwezilandl­e njengoba kuvela ukuthi kunamaqemb­u amfunayo Isithombe: BACKPAGEPI­X
U-ANDILE Jali weBafana Bafana angase azothole edlala kwenye yamaligi amakhulu phesheya kwezilandl­e njengoba kuvela ukuthi kunamaqemb­u amfunayo Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa