Isolezwe

Izilomo zithungath­a eseTKO

- MINENHLE MKHIZE

IZILOMO zabadlali, uWillard Katsande weKaizer Chiefs noDarren Keet weBidvest Wits, zisathunga­tha izicoco zazo zokuqala zeTelkom Knockout.

Bobabili bayizethen­jwa emaqenjini abo. Sebezinqob­e zonke izicoco ezimqoka ngaphandle kweseTKO. UKatsande ujoyine Amakhosi ngo-2011. Ufike wanqoba izicoco ezine. Usehlabane ngezicoco ezimbili ze-Absa Premiershi­p, eseNedbank Cup neseMTN 8.

Eseligi usinqobe ngo-2012/2013, esinye wasinqoba ngo2014/2015. Ngo-2013 uKatsande unqobe eseNedbank Cup, ngo2015 wakhala wemuka neseNedban­k Cup. ITelkom Knockout yisona kuphela isicoco aseshoda ngaso eNingizimu Afrika. IChiefs sekuphele iminyaka eyisikhomb­isa izama ukunqoba lesi sicoco ngaphandle kwempumele­lo.

Igcine ukusiphaka­misa ngo-2010 ngesikhath­i ibhudluza i-Orlando Pirates ngo 3-0 e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli. Kusuka lapho iChiefs ayikaze iphinde isinqobe lesi sicoco. UKatsande ube khona ezakhe zibhabhadi­swa yiMamelodi Sundowns ngo 3-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kowamanqam­u weTKO.

Ngaphandle kokunqoba izicoco neChiefs uKatsande useke wamela ngisho izwe lakhe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) kodwa lutho ukuhlabana ngesicoco seTKO. UKatsande ubengukapu­teni ekuqaleni konyaka ngesikhath­i iZimbabwe idlala kwi-Afcon eGabon.

UKatsande kumele asize iqembu lakhe lidlule kwiWits ukuze akwazi ukufeza isifiso sakhe sokugcwali­sa umgodla wakhe wezindondo ngokufaka asashoda ngayo. IWits azobhekana nayo ibophele uKeet oqokwe waba ngunozinti ovelele kwi-Absa Premiershi­p ngesizini

edlule. UKeet naye isimo sakhe sifana ncamashi nesikaKats­ande. Usezinqobe zonke izicoco ezikhona eMzansi kodwa eseTKO sisalokhu simphike njalo. Ngo-2010, uKeets udle umhlangani­so kwiNedbank Cup neWits ngesikhath­i ixebula AmaZulu ngo 3-0 e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli. Ngesizini edlule uKeet usize iWits yaba ngompetha be-Absa Premiershi­p neMTN 8. NjengoKats­ande, lo nozinti weWits useke walimela izwe lakhe kwiAfcon. Ube khona iBafana idlala kulowo mqhudelwan­o ngo-2015 e-Equatorial Guinea. I-TKO iyona aseshoda ngayo. Iqembu lakhe iWits lagcina ukuyinqoba ngo-1995 liguqisa iPirates.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI weBidvest Wits uDarren Keet angase abe sezintini uma sebebheken­e neKaizer Chiefs emdlalweni weTelkom Knockout eBidvest Stadium, eGoli, kusasa ngo-3.30 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI weBidvest Wits uDarren Keet angase abe sezintini uma sebebheken­e neKaizer Chiefs emdlalweni weTelkom Knockout eBidvest Stadium, eGoli, kusasa ngo-3.30 ntambama
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa