OweChiefs ulwela ukuhlala esikimini
ISIKWIBHISI seKaizer Chiefs, uJoseph “Tight” Molangoane, sivule izandla ngokudlaliswa emuva kwesokudla noma sekubuye abadlali abayizethenjwa kule ndawo.
UMolangoane, osedlale emaqenjini ahlukene okukhona kuwona iPlatinum Stars, AmaZulu, Orlando Pirates neChippa United, ujoyine Amakhosi ngesizini edlule. Kube nomdonsiswano phakathi kweChiefs neChippa ngaye okuholele ekutheni abambezeleke ukudlala kuMakhosi.
Nokho ufike washaya into ecokeme eyibamba esiswini ezinhlangothini. Ngasekuqaleni kwesizini uthwale kanzima ukuthola isikimu, imidlalo eminingi eyibuka nabalandeli.
Kusabalale imibiko ethi iChiefs ifuna ukuyinqamula inkontileka yakhe.
Konke kushintshe ngaphambi komdlalo wePremiership neMamelodi Sundowns ngenyanga edlule Amakhosi agcine ewunqobe ngo 2-1. Umqeqeshi weChiefs, uSteve Komphela uqoke ukubophela abadlali basemuva abayisihlanu. UMalongoane ugcine eqokwe aba ngumdlali ovelele kulo mdlalo.
“Besinabadlali abalimele. Umqeqeshi wangibizela ehhovisi lakhe wangibuza ukuthi ngingadlala yini emuva kwesokudla, ngathi yebo anginankinga. Ngathi akanginike imiyalelo ukuthi ngizodlala kanjani ngoba imidlalo ayifani. Ngangena enkundleni ngenza okwakufanele ngikwenze,” kusho uMolangoane.
“Le ndawo engiyidlalayo, yindawo engangijwayele ukuyidlala ngisadlala kwiJersey Queen Academy.
Kimina akuyona into entsha, ngiyidlale iminyaka. Ukuba sensimini kuyangijabulisa, ngingena khona ngenze okudingekayo ngalolo suku.
Ngikholwa wukuthi ngisengenza okungaphezulu kule ndawo.”
UMalongoane ungomunye wabadlali abahlomule ngemuva kokulimala “kwabanikazi bezindawo” kwiChiefs. Indawo yasemuva kwesokudla ijwayele ukudlalwa nguRamahlwe Mphahlele noKhotso Moleko.
Omunye ohlomulile ngalokhu uSiyabonga Ngezane oyibamba emuva.
Ukudlala kahle kwabo akubuzwa ukuthi kuzomphathisa ngekhanda uKhompela. Lo mqeqeshi akaphindanga wasishintsha isikimu kusukela ehlule iSundowns.
Uthe akanankinga nokuboshelwa emuva noma sekululeme uMphahlele noMoleko.
“Kuzoba yisinqumo somqeqeshi. Ngizoqhubeka nokusebenza kanzima. Uma nginikwa ithuba ngizolisebenzisa. Konke kulele kumqeqeshi ukuthi uma bebuya abajwayele ukudlala, ngizoqhubeka yini. Sengibe sebholeni isikhathi eside, kuyenzeka ukuthi ungaqokwa emdlalweni. Ngihlale ngilindile ukunikwa ithuba,” kusho uMolangoane.
Amakhosi azogadulisana neBidvest Wits emdlalweni owandulela owamanqamu weTelkom Knockout ozoba seBidvest Stadium kusasa ngo3.30 ntambama. IZitshudeni, eziwine indebe yeligi neMTN8 ngesizini edlule, ziqale eka- 2017/2018 ngegiya eliphansi. Indebe yeTelkom izoba nompetha omusha kwazise iCape Town City eyiwine ngesizini edlule isiphumile.
Komunye umdlalo owandulela owamanqamu, iPolokwane City izobhekana neBloemfontein Celtic, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto, ngo-3.30 ntambama.
UMolangoane uzophinde athwale kanzima ukuvimba isikhwishikhwishi seWits, uVincent Pule oyinkinga kubadlali basemuva kulezi zinsuku.
“Siyiqembu siyayihlonipha kakhulu iWits. Ngeke kube wumdlalo olula. Ekugcineni ingompetha (be-Absa Premiership). Izobe izokhombisa ukuthi ifuna ukuyiwina le ndebe njengathi. Ngakho kufanele sisebenze kanzima, sibone ukuthi kwenzekani.”